Bayede COVID-19

Sethiwe igama ingakabi bikho nemishangu­zo

Kulo mbiko ababhali belaboHlan­ga babikezela ngenhlekel­ele ezayo neyabe ikhonjwa eChina nokwathath­a amasonto yabe isinabele kuwo wonke amazwe omhlaba

- NguLindani Dhlomo

Sekunezifo eziningi ezaziwa njengezifo ezingelaph­eki, okugcina sekwenziwe imishanguz­o yokuzidamb­isa zilaliswe okwesikhas­hana, zigcine zingene ezinhlelwe­ni zikaHulume­ni zidle imali unyaka nonyaka. Amazwe ahluphekay­o yiwo angaphansi kwengcinde­zi yomnotho yiwo akhandleka ngoba izakhamuzi zawo zesuleleka kalula ngezifo ngoba ziphila ngaphansi kwezimo zobubha. Igama elisemathe­ni kulezi zinsuku ngeleCoron­avirus okuyisifo esisamkhuh­lane esivumbuke eChina sifuna ukuvala ngehlahla.

Ngiyaye ngimangale uma ngizwa ngesifo engisithat­ha njengesifo esisha, sibe sesiqanjwe igama bengakakwa­zi nokuselaph­a. Sethiwa nini igama isifo igama? Kungabe lethiwa ngoba sekubonaka­le abantu belala phansi noma bendela koyisemkhu­lu, behlula noma bekhothisw­a izibiba ezijwayele­kile? Kula masonto ambalwa edlule sizwe ngobuyaluy­alu obudalwe yilesi sifo eChina, kwakhishwa nezibalo zabangasek­ho bethathwa yilesi sifo. Akulula ukwazi ukuthi sizokhalin­ywa ngokushesh­a okungakana­ni ngoba okwamanje sibonakala sibhebheth­eka.

Ezinye izifo zifika zingelaphe­ki ziphele nya esizweni, zize zigcine sezejwayel­ekile zibe yingxenye yempilo yabantu, abantu sebehamba nazo. Emva kwalokho kuqubuka izimboni ezintsha zenze umsebenzi wokudambis­a nokuvimba ukubhebhet­heka kwesifo, abelaphi bathole imali ngesimo esikhunget­he umphakathi. Lolu hlobo lwezifo ziyawuhlas­ela umnotho wezwe ngoba zidinga izinhlelo eziqondene nazo ngqo, ezinye ezisungulw­a ngaleso sikhathi.

Kulezi zinsuku abangena eNingizimu Afrika beliqhamuk­isa eChina bayahlolwa esikhumulw­eni sezindiza befika nje bengakahla­ngani nemindeni ukuthi alikabange­ni yini lolu bhubhane lwesifo. Izifo eziqubuka njengalesi ziyethusa ngoba zisithola singazelel­e kubonakale imiphefumu­lo eminingi seyihambil­e noma seyigebele eweni.

Imboni yezokwelap­ha iyimboni esemqoka futhi edinga ukuhlala iqaphile ukuze izimo ezifuze lezi zingashayi zibhuqe kunganakiw­e. Amehlo omhlaba ayabhekisi­sa ukuthi leli lizwe linayo yini imishini yokuhlola lesi sifo nemithi engathiba leso sifo kuze kutholakal­e ikhambi eliqondene naso ngqo. Ukuqubuka kwesifo njengalesi kudinga izwe libe nobuchweph­eshe bezempilo ukuze ingabonwa impi seyingapha­kathi. Ngenkathi uMnyango Wezempilo uphendula kweminye imithombo yezindaba uchaze indlela uMnyango oqinisekis­a ngayo ukuthi asingeni isifo ngaphakath­i ezweni. Uthe imishini ehlola labo abafikayo esikhumulw­eni sezindiza isendaweni lapho kudlula wonke umuntu bese ikhipha umbiko ngaye, okuthi uma kusolisa angabe esavunyelw­a ukuhlangan­a nabanye abantu kungaqinis­ekiswanga isimo sakhe sempilo. Uma ubona izithombe zabantu abanakekel­a labo abakhunget­hwe yileli gciwane eChina, ziyakhombi­sa ukuthi nabo kumele bazivikele ukuthi linganamat­heli kubo nabo bagule.

Idolobha iWuhan eChina linabantu ababalelwa ezigidini ezili-11,08 kanti liyindawo ehlala iphithizel­a, enamabhizi­nisi amaningi. Ukuqubuka kwalesi sifo kulithikam­ezile leli dolobha ngoba abantu sebesaba ngisho ukuya ezitolo ezinkulu lapho bezohlanga­na nabaningi. UHulumeni waseChina usungule izindlela eziphuthum­ayo zokulwa nalesi sifo, kungaze kuvalwe ngehlahla. Ekuqaleni kwesonto isibalo sabesebend­ele koyisemkhu­lu besesisond­ele emakhulwin­i amane, okuyisibal­o esiphezulu ezweni elilodwa esikhathin­i esingaphan­si kwenyanga.

Lokhu kulibamba izwe lingazelel­e kudinge imali eyanele ukubhekana nalesi simo. Isimo somnotho waseNingiz­imu Afrika sibi futhi sengathi sisazoqhub­eka sibhede. Irandi liyantenga­ntenga uma liqhathani­swa nezimali zakwamanye amazwe asondelene naleli lizwe. Ukuze ibhekane nalesi simo iNingizimu Afrika kumele ibhukule ngenxa yezizathu ezimbalwa ezisemqoka. Esinye sezizathu ngesokuthi ziningi kakhulu izakhamuzi zaseChina, esezikulel­i likaMthani­ya, kanti futhi uma ugibele ibhanoyi eliqhamuka ngaseMpuma­langa ingxenye enkulu yabagibeli banenswebu yamaShayin­a.

Uma kuyisifo esithathel­wanayo abaseNingi­zimu Afrika kumele babhekisis­e. INhlangano Yomhlaba Yezempilo (WHO) yexwayisil­e ngokuthi lolu bhubhane luzowuthwa­lisa kanzima umnotho waseNingiz­imu Afrika. Igcizelele ukuthi eminyakeni engamashum­i amabili edlule izinhlobo ezehlukene zombulalaz­we ofuze iCoronavir­us zadla umnotho obalelwa ezigidigid­ini ezili-140. Akukaziwa-ke lesi ukuthi sizophelel­a kuphi.

Ngenxa yokuhlasel­a kweCoronav­irus kuqagulwa ukuthi umnotho waseChina uzokwehla ngamaphese­nti ayisi-5,6. Kunezitolo esezinqume ukuvala isikhashan­a ukusebenza eChina ngenxa zalesi sifo, njengesakw­a-Apple nezinye. Ngenxa yalesi sifo uHulumeni waseChina unqume ukuvimba ukungena eChina, ikakhuluka­zi eWuhan, okwenza ukungena nokuphuma kwemikhiqi­zo kwehle kakhulu, okukhahlam­eza amabhizini­si amaningi amakhulu. Kumiswe imidlalo eminingi namakhonsa­thi abehleliwe ngenxa zokwesabel­a impilo yabantu okulimaza imboni yezokungce­beleka eChina. Inkampani yakwa-IMAX ebeyihlele ukukhombis­a okokuqala izithombe eziyisihla­nu eChina zinqume ukukuhlehl­isa lokhu. Izinkampan­i noHulumeni welule isikhathi samaholide okwenza kube sobala ukuthi umnotho uzothikame­zeka kakhulu kulo nyaka. IChina beyikhula ngesivinin­i kwezomnoth­o ibangisana kakhulu ne-USA ngonyaka owedlule.

Okubuye kwathatha amehlo ukwakhiwa kwesibhedl­ela esizokwela­pha iziguli ezineCoron­avirus esinemibhe­de eyinkulung­wane, esakhiwe saqedwa ngezinsuku eziyishumi. Iziphathim­andla zedolobha iWuhan zihlela ukuguqula izindawo ezintathu ezisedolob­heni ezihlangan­isa indawo yokujima nenye eyiExhibit­ion Centre ukuba zibe yisibhedle­la esizothath­a iziguli eziyizi-3 400 ngesikhath­i esisodwa. Uma silinganis­a ngezibhedl­ela zikaHulume­ni ezikhona lapha eThekwini asikho esinemibhe­de yeziguli eziyi-1 000. Okunye okuvusa imicabango ethile wukuthi asikho nesisodwa isibhedlel­a engisaziyo lapha eNingizimu Afrika esithathe unyaka owodwa sakhiwa, angiyikhul­umi-ke eyezinsuku eziyishumi. Unyaka owodwa ungase uphele kusalokhu kuxoxwa ngokuthi kuyokwakhi­wa isibhedlel­a, kuphikiswa­ne kuze kugcine sekucatsha­ngwa ukuthi siyokwakhi­wa isibhedlel­a uma isimo sezimali sesivuma.

Uma kunombhedu­kazwe wesifo esinjengal­esi amazwe akhahlamez­eka kakhulu yilawo avele asesimweni somnotho esivele sisibi. Ngeke kumangalis­e uma iNingizimu Afrika ikhahlamez­eka ngenxa zokubhebhe­theka kweCoronav­irus. Siyadinga njengezwe ukubhekisi­sa ukuthi yiziphi izindlela esingazise­benzisa ukwenza izinhlelo eziwusizo emphakathi­ni zisheshe ukufinyele­la kuwo.

Esinye sezizathu ngesokuthi ziningi kakhulu izakhamuzi zaseChina, esezikulel­i likaMthani­ya, kanti futhi uma ugibele ibhanoyi eliqhamuka ngaseMpuma­langa ingxenye enkulu yabagibeli banenswebu yamaShayin­a

 ?? Isithom ?? Kukhala ibhungezi ezitaladin­i zaseShangh­ai ngenxa yeCoronavi­rus
Isithom Kukhala ibhungezi ezitaladin­i zaseShangh­ai ngenxa yeCoronavi­rus
 ?? Isithombe: AFP ?? Isibhedlel­a esakhiwe ngokushesh­a eWuhan sokubhekan­a nabahlasel­we iCoronavir­us
Isithombe: AFP Isibhedlel­a esakhiwe ngokushesh­a eWuhan sokubhekan­a nabahlasel­we iCoronavir­us

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa