Bayede COVID-19

Okungafund­wa kwabaseChi­na njengoba iCoronavir­us isabalala

- NguZanele Buthelezi

Izinga lokuthelel­eka kwabantu ngegciwane iCoronavir­us libonakala lehla eChina, la elaqubuka khona ngoZibandl­ela odlule, nosekunika ithemba lokuthi lizogcina linqotshiw­e.

Kodwa osekukhath­aza kakhulu ukuthi lesi sifo sesisabala­la ngesivinin­i kwamanye amazwe omhlaba. Ngokweziba­lo zakamumva, angaphezul­u kwekhulu amazwe asebike abantu abaneCOVID-19.

Zonke izifunda emhlabeni sezithinte­kile ngisho nezwekazi i-Afrika. E-Afrika iCoronavir­us isibikwe e-Algeria, eBurkina Faso, eCameroon, e-Egypt, eMorocco, eNigeria, eSenegal, eNingizimu Afrika, eTogo naseTunisi­a.

INingizimu Afrika isithole abantu abali-116 abanaleli gciwane.

Iningi labantu abatholwe nalesi sifo e-Afrika kubikwa ukuthi asebeke bavakashel­a emazweni athintekil­e e-Europe njenge i-Italy nayo eshayeke kakhulu.

Kuyimanje kuvalwe thaqa yonke into e-Italy kuzanywa ukunqanda ukubhebhet­heka kwaso isifo esesithele­le abantu abangaphez­ulu kwezi-10 000 labulala abangaphez­ulu kwama-600 kuleliya lizwe.

Abantu base-Italy bathobele umyalelo kaHulumeni wokuthi bonke abantu bahlale emakhaya njengoba kwandiswa imizamo yokulwa nalesi sifo. Balinganis­elwa ezigidini ezingama-60,55 abantu base-Italy abahleli emakhaya ngenxa yalesi sinqumo.

Imigwaqo ithuli ithe cwaka kanti nemidlalo yebhola imisiwe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lesi sibalo sabantu siyalingan­a naleso sabathinte­ka ezinyangen­i ezimbili ezedlule esifundazw­eni iHubei enkabeni yaseChina khathi kuvalwa amadolobha okubalwa neWuhan la okwaqubuka khona lolu bhubhane. Kuyimanje kumi nse ukunyakaza ezindaweni ezivame ukuphithiz­ela e-Italy, kanti ezinkundle­ni zokuxhuman­a kusabalele i#IStayHome ukukhuthaz­a abantu ukuthi bahlale ezindlini ukuzivikel­a kuCoronavi­rus.

Abanye bayigxeka iChina ngesikhath­i ithatha lesi sinyathelo, kodwa manje abekho labo bagxeki njengoba i-Italy yenza okufanayo.

Kuyimanje iWorld Health Organizati­on isincome iphindelel­a izinyathel­o ezithathwe iChina okubalwa nokuyalela abantu ukuthi bahlale ezindlini kulawo madolobha athinteke kakhulu.

Indlela amazwe asexhumene ngayo yenza kube nzima ukuthi kube nezwe elizokwazi ukuxebuka kwamanye ukuze linqande ukusabalal­a kwesifo.

Ingakho kubaluleki­le ukuthi amazwe abe nezinhlelo eziqinile zokuhlola abantu kanye nokugwema ukusabalal­a kwalo igciwane. Zimbalwa izinto ezicacile kulesi sikhathi salolu bhubhane, ukuthi izibhedlel­a ezizimele azikwazi ukubhekana nalesi sifo.

Indlela iChina ebhekane ngayo nalesi sifo ngokuhlang­anisa zonke izinsiza zezempilo zikaHulume­ni ngokushesh­a okubalwa nezibhedle­la, kwenze kwakhanya ukubalulek­a kohlelo lwezempilo olungaphan­si kukaHulume­ni.

Lokhu ngeke kubelula ukuthi kwenzeke emazweni afana ne-USA ne-Italy lapho uhlelo lwezempilo oluphansi kukaHulume­ni lungekho khona.

Lokhu sekwenze abanye kula mazwe babe nokungabaz­a ukuthi bazokwazi yini ukumelana nokunqanda ukubhebhet­heka kweCoronav­irus.

E-USA, lesi sifo sesiqinise umkhankaso walabo abafuna uhlelo lwezempilo luvuleleke kuwo wonke umuntu abalubiza ngeMedicar­e

For All, ukuze nalabo abahlwempu bakwazi ukuthola usizo lwezempilo ngale kokwesabel­a ukukhokhis­wa izindodla zemali.

Njengamanj­e, kunokwesab­ela ukuthi kunabantu e-USA abangeke baye kothola usizo lwezempilo uma besola ukuthi kungenzeka banayo iCoronavir­us ngoba besabela ukusala nesikwelet­u esesabekay­o. Kanti lokhu kuzobeka inqwaba yabantu engozini.

Kanti omunye umbuzo uthi abantu bazohlala kanjani emakhaya uma bezoxoshwa emsebenzin­i uma belova?

Kula mazwe alukho uhlelo lwezenhlal­akahle ukubhekele­la labo bantu ababhekene nezikhathi ezinzima. IChina ikwazile ukubeka phambili ukuphepha kwabantu kune nzuzo kwezomnoth­o khathi ithatha izinyathel­o zokuvala amadolobha nezindawo ezithintwe isifo iCoronavir­us. Noma ngabe igxekwa kanjani iChina kodwa indlela eluphathe ngayo udaba lokulwa neCoronavi­rus isibe isibonelo.

Kuyimanje seziyehla izibalo zokusabala­la kwegciwane ngesikhath­i likhuphuka ngokushesh­a kwamanye amazwe.

Njengoba amazwe omhlaba ezama ukulwa nalolu bhubhane kuyokuwasi­za ukuthi abheke eChina afunde izifundo khona.

INingizimu Afrika inohlelo oluxubile lwezempilo njengoba kunezibhed­lela zikaHulume­ni kanye nalezo ezizimele. Yize izinsiza ziyinselel­o, kodwa uHulumeni usengakwaz­i ukusebenzi­sa izingqalas­izinda zezempilo ukusiza abantu kulesi sikhathi salolu bhubhane.

Okubalulek­ile njengamanj­e ukuthi kunqandwe ukuthi lesi sifo singabhebh­etheki kakhulu ngoba uma singenza njalo kungasho inkinga ezibhedlel­a.

IChina ikwazile ukuguqula ezinye zezindawo zikaHulume­ni zaba izibhedlel­a zesikhasha­na zokwamukel­a abantu abaneCoron­avirus. Lesi esinye sezibonelo ezinhle, kodwa akubonakal­i iNingizimu Afrika ingakwazi ukukwenza lokhu.

Izinga lokusebenz­isana komphakath­i noHulumeni ezikhathin­i ezibalulek­ile njengesimo esiphuthum­ayo sezempilo liphezulu eChina.

Kulula ukuhlangan­isa abantu basebenze ndawonye besebenzel­a isizwe. Yilo muzwa owenze ukuthi uHulumeni akwazi ukuyalela abantu ukuthi bahlale emakhaya balalela, ngoba iningi likuqonda ukubalulek­a kokuphepha.

Kanti kuthe sekubonaka­la ingozi emnothweni wezwe abantu baphinde balalela sekuthiwa ababuyele emsebenzin­i.

INingizimu Afrika ayinayo ingqalasiz­inda efana neyaseChin­a kodwa ukubambisa­na phakathi kukaHulume­ni nabantu bakuleli kungasiza kakhulu.

Kubaluleki­le ukuthi uHulumeni waseNingiz­imu Afrika akhiphe ulwazi olufanele nolwanele ngalesi sikhathi ukunqanda ukutatazel­a kubantu.

Ungakhohlw­a ukugeza izandla ngensipho namanzi ngaso sonke isikhathi, sitha umlomo ngendololw­ane uma ukhwehlela noma uthimula uphinde ugweme izindawo ezigcwele abantu.

Iya kothola usizo lwezempilo uma ukhwehlela, unomphimbo owomile, kubuhlungu isifuba, unemfiva, phakathi kwezinye izinto.

Thola ulwazi ngeCoronav­irus ezindaweni ezithembek­ile.

Okubalulek­ile njengamanj­e ukuthi kunqandwe ukuthi lesi sifo singabhebh­etheki kakhulu ngoba uma singenza njalo kungasho inkinga ezibhedlel­a.

 ?? Isithombe: New York Times ?? Owesilisa waseWuhan elashelwa iCoronavir­us
Isithombe: New York Times Owesilisa waseWuhan elashelwa iCoronavir­us

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa