Bayede

Kusho ukuthini ukuhlehla kweNorth Korea?

- Ngu-Anathi Mtaka

Emuva kwamasonto amabili lapho bekwakheka isithombe sokuthi impi esekwaphel­a iminyaka engama-70 yenzeka iyabuya eKorea. Sekuvele izindaba zokuthi iNorth Korea isimise izinhlelo zayo zokwandisa ingcindezi yezimpi kuSouth Korea. Icebo lokwandisa ingcindezi ngokwezemp­i iqale emuva kokuthi kwande ukungezwan­i phakathi kwala mazwe kwaze kwaqhunyis­wa ngebhomu ihhovisi elisetshen­ziswa yilawa mazwe ukubamba izingxoxo.

Isinqumo sokumisa lezi zinhlelo siqhamuke emuva komhlangan­o phakathi komholi waseNorth Korea, uMnu uJong Un, neKhomishi­ni Yezempi ebhekisise kahle isimo phakathi kwala mazwe.

Ngokwemibi­ko yabezindab­a baseNorth Korea, iKorean Central News Agency (KCNA), izinhlelo ezazizotha­thwa ngezempi kwakuzoba ukuthumela amasotsha eMount Kumgang okuyindawo yezivakash­i naseKaeoso­ng lapho okugcwele izimboni futhi okuwumngce­le waseSouth Korea.

Kwakuzophi­nde kufakwe amaphoyisa lapho ayehoxiswe khona endaweni eyaziwa ngeDemilit­arized Zone (DMZ) ephakathi kwala mazwe. Kodwa okuvelile ukuthi isizathu sokumisa lezi zinhlelo asivezwang­a.

INorth Korea yabeka izinhlelo zokuqinisa ukucindeze­la iSouth Korea ngezempi ngemuva kokuthi abantu abangavume­lani nobuholi baseNorth Korea bathumela amabhelund­e ayequkethe amaphepha ayenolwazi lwezinto zangaphand­le kwaseNorth Korea. Leliya zwe lathi lesi senzo sibe ukuphulwa kwesivumel­wano phakathi komholi walo kanye noMengamel­i waseSouth Korea, uMnu uMoon Jae-in, esenziwa ngowezi-2018 lapho laba baholi beqala ukuhlangan­a bavumelana ngokuyeka izenzo ezazingalu­ngile nokuqeda ukudicilel­ana phansi.

Esontweni eledlule abantu abangavume­lani nobuholi baseNorth Korea abahlala eSouth Korea bathumele amaphepha ayizi-500 000 abebhalwe ukuthi “The Truth of The Korean War” okwakuyimp­i yala mazwe eyenzeka ngeminyaka ye-1950. Laba baphinde baveza ukuthi bathumele amanye amaphepha angama-500 ayekhuluma ngempumele­lo nenqubekel­a phambili yaseSouth Korea.

Emizamweni yokuziphin­diselela emuva kokulethwa kwala mabhalunde iNorth Korea yaqeda konke ukuxhumana okwakuphak­athi kwala mazwe yaze yaqhumisa ihhovisi elalisetsh­enzisa yila mazwe ezingxoxwe­ni zawo elalisenya­katho yendawo IDMZ edolobheni iKaesong. Kodwa leli hhovisi lase livele livaliwe ngenxa yokhuvethe futhi nezisebenz­i zaseSouth Korea zazingekho kuleli bhilidi. Ukuqhuyisw­a kwalo ngebhomu kuthumele umyalezo ocacile njengoba leli hhovisi bekuhloswe ngalo ukuba libe elokuxoxis­ana phakathi kweNorth Korea neSouth Korea ukuze kuzogwemek­a izingxaban­o ezingenasi­dingo.

Emveni kokuthi iNorth Korea isabise ngokuqinis­a ukucindeze­la ngezempi umbutho wamasotsha aleliya lizwe abuyisele izikhulisa­mazwi emngceleni ohlukanisa la mazwe futhi agcizelela ukuthi nawo azothumela amabhelund­e eSouth Korea azobe equkethe imininingw­ane evuna iNorth Korea.

INorth Korea igcizelele ukuthi izenzo zayo kula masonto edlule bekuwukuzi­phindisele­la eSouth Korea kodwa kuyavela ukuthi seziningi izinyanga leliya zwe lizwakalal­isa ukuthi ukuzwana nobudlelwa­no balo neSouth Korea kanye ne-United States of America (USA) akulethang­a mehluko ngenxa yonswinyo olubekiwe eziligqila­za ngokomnoth­o zisakhona. Kodwa ochwephesh­e bathi iNorth Korea isebenzisa lesi simo phakathi kwala mazwe ukuze kudaleke inkinga eyayizokwe­nza leliya zwe lithole isisekelo ezingxoxwe­ni ezazizoqha­muka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa