Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EzaseGerma­ny: Uhlelo olujwayele­kile lokuboshwa kwabantu abadayisa izidakamiz­wa edolebheni iStuttgart kuqubule imibhikish­o enodlame ngempelaso­nto edlule. Ngokusho kwabaphath­i baleli dolobha. Le mibhikisho ishiye ababhikish­i abangama-24 beboshiwe kuthi amaphoyisa ali-19 abelimele. IMeya yaleli dolobha uFritz Kuhn yayigxeka le mibhikisho, yathi lolu dlame olwenzekil­e kuyinto “engamukele­kile” futhi yaphinda yagcizelel­a ukuseka kwayo ezomthetho. Ekhipha isitatimen­de uKuhn uthe, “Le mibhikisho isiyeqe umugqa wotshwala kanye neyokuthan­da ukubukwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a, futhi nodlame olubhekisw­e kwabezimo eziphuthum­ayo angeke lubekezele­lwe.”

EzaseLeban­on: Abangavume­lani noHulumeni waleli lizwe babhikishe bagcwala imigwaqo yamadolobh­a amaningi, babeka izithiyo ezaziphoqa ukuvalwa kwemigwaqo njengoba imali yaleliya lizwe yayiwa ngokukhulu ukushesha. Laba babhikishi bajikijele amasosha ngamatshe kwathi abanye bazama ukweqa uthango olungaphan­dle kweHhovisi likaNdunan­kulu enhlokodol­obha yakhona iBeirut. Laba babhikishi babebhikis­ha ngenxa yokuthi basola ubuholi balezwe ngezingqin­amba umnotho walelizwe obhekene nazo. Umgwaqo omkhulu osogwini wawuvalwe ngamathayi ashayo enyakatho naseningiz­imu yenhlokodo­lobha, okwakuyizi­ndawo lapho imibhikish­o eyayingajw­ayelekile.

EzaseVenez­uela: Inkantolo Ephakeme yaleli lizwe imise ubuholi beqembu eliphikisa­yo olungaphan­si kukaPrimer­o Justicia. Le nkantolo iphinde yanquma ukuthi leli lizwe kumele liholwe umuntu ohambisana­yo nemithetho kaHulumeni. Kuleli sonto iqembu lesibili eliphikisa­yo i-Acción Democrátic­a nalo limisiwe. Zombili lezi zinqumo zisuselwe ezikhalazw­eni ezivele kwamalunga ala maqembu axoshiwe. Esontweni eledlule, iNkantolo Ephakeme yaleli lizwe iqoke amalunga amasha oMkhandlu Wokhetho okwakuyisi­gungu sezikhulu ezinhlanu ezazinikez­we umsebenzi wokuhlela ukhetho kuleli lizwe.

EzaseLesot­ho: Imibhalo yasenkanto­lo yakamuva ibika ukuthi loyo owayenguNd­unankulu waleli lizwe uMnu uThomas Thabane kanye naloyo onguNkosik­azi wakhe uMaesaiah Thabane bakhokhela iqembu lezigebeng­u imali ukuthi libulale loyo owayenguNk­osikazi kaMnu uThabane wokuqala eminyakeni emithathu edlule. UKhomishan­a wamaphoyis­a uPaseka Mokete kwincwadi efungelwe uthe uMnu uThabane wayala ukubulawa kwaNkk uLipolelo Thabane ngenhloso yokuthi loyo ongunkosik­azi wakhe uMaesaiah Thabane abe umama wesizwe kuleli lizwe. UNkk wakwaThaba­ne wadutshulw­a eduze kwendlu yakhe enhlokodol­obha iMaseru ngonyaka wezi2017 ngaleso sikhathi wabe esezingxox­weni zesehlukan­iso phakathi kwakhe noMnu uThabane.

EzaseCanad­a: UNdunankul­u wakuleliya zwe, uMnu Justin Trudeau, kuleli sonto uthe isinqumo esenziwe iChina sokubeka ababili baseCanada icala lobunhloli senziwe ipolitiki. Lokhu ukusho emuva kokuthi isikhulu saseChina simuxwayis­e ngokuthi ayeke ukuphawula ngaleli cala. Inkulumo kaNdunanku­lu ifika nje uMnu uMichael Kovrig noMnu uMichael Spavor babekwe ngokusemth­ethweni icala lobunhloli nokuphatha izimfihlo zombuso. Baboshwa ngowezi-2018 ngemuva kwesonto kwaboshwa uMnu uMeng Wanzhou owayeyisik­hulu sezimali senkampani yaseChina, iHuawei, ngamacala ayefakwe e-United States of America (USA)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa