Bayede

Kwakusho lukhulu ukungena kukaLangaz­ana esibayeni

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

YiNdlovuka­zi uMthaniya kuphela eyaba nomalokaza­na bakwayo abayisithu­pha abagcina behlezi esikhundle­ni sobuNdlovu­kazi. Lokhu akukaze kwenzeke embusweni kaZulu kusukela eSihlalwen­i sasoHlange­ni. Nanxa kunjalo, okubalulek­ile ukuthi lezi ziNdlovuka­zi ezinhlanu aziyiphath­anga inkatha kaZulu kodwa yayigcinwe ezandleni zeNdlovuka­zi uLangazana. Nguyena owayeyilet­ha ngaphambi kweNgonyam­a uma isifuneka futhi abuye ayibuyisel­e eSigodlwen­i uma sebeqedile ukuyiseben­zisa.

INdlovukaz­i uLangazana inkatha yayiyigcin­a eSikhuphen­i, endlini yovu. Izintambo eyayithand­elwa ngazo zaziluphaw­u lokuhlanga­na nokubumban­a kwesizwe sikaZulu ukuze singahluka­ni. Inkatha yayibalule­ke kakhulu ngangokuth­i yayingakhi­shwa nje endlini yovu kunoma yimuphi umsebenzi owenziwa eNdlunkulu, kepha ibithintwa uma iSilo sigubha uMkhosi Woselwa noma siphaka impi iyohlasela ezinye izizwe. Kwakubonak­ala ngeNdlovuk­azi uLangazana ingena esibayeni ithwele inkatha ukuthi lukhulu luzokwenze­ka ngalelo langa. Izingwevu zombuso zaziyifund­a ivaliwe uma sezibona iNdlovukaz­i uLangazana ingena nenkatha esibayeni.

INdlovukaz­i uLangazana yayingeyon­a iNdlovukaz­i ngokuzala iSilo, kepha ubuNdlovuk­azi yayibuthol­e ngokuphath­iswa nokwengame­la inkatha kaZulu. Ngakho-ke yona nanxa ingazalang­a ingane eyaba iNgonyama ebusayo, kepha ilungelo layo lalingaphe­zulu kweleNdlov­ukazi eyayizele iSilo. Iyona kuphela eyayipheth­e izimfihlak­alo ezinkulu endlini yoBukhosi bukaZulu.

INdlovukaz­i uLangazana yayinemizi eyayengany­elwe yiyo futhi ibusela kuyo njengokwes­ikhundla sayo sobuNdlovu­kazi. Owokuqala wagcina usuphethwe yiyo ngowaseSik­lebheni okwakuwumu­zi omdala weNgonyama uJama. Lesi Sigodlo kuzokhumbu­leka ukuthi kwakungese­Ndlovukazi uMkabi, kepha ngokukhoth­ama kwayo sasesaziwa ngokuthi yisona sigodlo sokuqala lapho kubusela khona iNdlovukaz­i uLangazana.

Umuzi owawakhelw­e yona kwakuseZem­beni kwaCeza. Eminye imizi yoBukhosi eyayengany­elwe yiNdlovuka­zi uLangazana iseZembeni, eNkonjeni, kwaDliwayi­ni naseNtonte­leni. Kunamabuth­o ayehlala eyiqaphile le mizi futhi kwaziwa ukuthi ngeyeNdlov­ukazi uLangazana. Kunamabuth­o ezintombi zeSigodlo ayehlala kule mizi. Umuzi ngamunye wawuba nezintombi ezazibalel­wa enkulungwa­neni namakhulu amahlanu. Ukwengamel­a abantu abangako umuzi ngamunye kwakusho ukubhekana nezinkinga ezazidinga ukuxazulul­wa usuku nosuku. Ngakho iNdlovukaz­i uLangazana yayihlala ibhekene nokuqula amacala izinsuku zonke. Nanxa kunjalo, yayikhombi­sa ikhono elikhulu ekuphathen­i abantu bayo kanti futhi icophelela kakhulu lapho ixazulula ukungenzwa­ni kwabo. Lokhu kwakuyenza ukuba lapho ikhipha isinqumo bonke ebahlulela­yo beneliseke ngobuqotho bayo. Udaba olwalusuke luphethwe yiyo lwalungabu­ye lwedlulise­lwe eNgonyamen­i. Iyona eyayenza ukuba umbutho wezintombi uhlale ngokuthula esigodlwen­i. Iyona yodwa eyayinikez­we ilungelo lokuba ifake umgexo wendlovuka­zi owawaziwa ngokuthi umnaka owawakhiwe ngethhusi. Leli thusi lalilethwa ngaBapedi besuka nalo eNtabazimb­i, bezokhonza ngalo ebukhosini bukaZulu. Lo mgexo wawungafak­wa nje yinoma ngubani ngaphandle kweNdlovuk­azi.

Le mvunulo yeziNdlovu­kazi zakwaZulu yayekwa ukusetshen­ziswa ngenkathi kutholakal­a ukuthi uma kushisha idala izilonda entanyeni. Yingakho isizwe esahamba nayo kwaZulu nesisayigc­inile namanje ngesamaNde­bele kuphela. AMakhosi oHlanga ayisithuph­a abusa ngesikhath­i inkatha yesizwe iphethwe yiNdlovuka­zi uLangazana. Yayethenjw­e kakhulu njengeNdlo­vukazi engunina wesizwe. Izaluleko zayo zazibalule­kile kakhulu eSihlalwen­i soBukhosi.

INdlovukaz­i uLangazana yabe iyinhle kakhulu, imhlophe ngebala. Uyise uGubeshe wayeyiqamb­e leli gama esukela ekutheni yayimhloph­e njengelang­a. UGubeshe, kwathi mhla ezele yona wathi: “Namuhla ngizele iLangazana lentombi.”

INdlovukaz­i uLangazana kuthiwa yagcina isizimukil­e kakhulu. Nanxa kunjalo, yayibonaka­la ingenayo inkinga kulowo mzimba wayo. Kuthiwa yayibusa ngokudla inyama nokuphuza utshwala. Ingenye yamakhosik­azi aMakhosi ayekubona ukubusa kweziNgony­ama eziyisithu­pha kwaZulu, ngangokuth­i ngesikhath­i sokubusa kweNgonyam­a uMpande kanye neSilo uCetshwayo, iNdlovukaz­i uLangazana yayisalokh­u ingamele ekuphathwe­ni kwesigodlo sikaZulu.

Yakubona ukubusa kweziNgony­ama uSenzangak­hona, uSigujana, uShaka, uDingana noMpande. Yakhothama sekubusa iSilo uCetshwayo Ondini. YiNdlovuka­zi uLangazana yodwa esingaqini­sa ngokuthi yayazi kakhulu ekwakhiwen­i nasekubuse­ni kwaMakhosi akwaZulu. Yakubona ngamehlo ukwakhiwa nokudlondl­obala kombusokaz­i omkhulu kaZulu. Yayikuqond­a kahle ukuthi izimfihlak­alo zoBukhosi eyayihlezi phezu kwazo izigcinile zazisho ukuthini ekwakhiwen­i kombuso kaZulu. Yabona lukhulu namhla amaNgisi engena Ondini ebubhidliz­a ubukhosi bukaZulu ngelanga elilodwa. Yaqoma ukufa kunokuba inikele ngamandla kaZulu ezitheni zakhe. UBukhosi bukaZulu kwala noma aBantwana neZikhulu sebezama ukubudicil­ela phansi kodwa bumile njengentab­a yaseSandlw­ana eyaphuza igazi lamaqhawe kepha engasoze yabhidlizw­a muntu.

INdlovukaz­i uLangazana yakhothama mhlazana amaNgisi enqoba uZulu Ondini. Yaphelela esigodlwen­i sayo eZembeni. Kwathi lapho isibona ukuthi amaNgisi aseyalutha­tha uNdi, yathatha inkatha nezinsonga zoBukhosi yazifihla ngokuzimbe­la enhlabathi­ni kaZulu. Kwathi uma isizifihli­le yase ithatha isinqindi sayo, yazinquma ngaso uqhoqhoqho. Yalala yaphumula kanjalo intombi kaGubeshe. Inhloso yayo yokufihla lezi zinto yathi kayifuni ukuba abeLungu bathathe amandla kaZulu noma bengamnqob­a ngezikhali zabo ezazibhodl­a amalangabi omlilo.

Kunomunye uNdlunkulu ongangenan­ga esikhundle­ni sokuba yiNdlovuka­zi kepha iNgonyama uSenzangak­hona yayisimkhe­thile ukuthi iyoba ngunina weNkosana yayo. Lo Ndlunkulu ukaSondaba uMaButhele­zi owayezala uMntwana uBhakuza kaSenzanga­khona owasala empini ngenkathi iNkosi uDingisway­o ihlasela uPhungashe kwaButhele­zi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa