Kwakusho lukhulu ukungena kukaLangazana esibayeni
YiNdlovukazi uMthaniya kuphela eyaba nomalokazana bakwayo abayisithupha abagcina behlezi esikhundleni sobuNdlovukazi. Lokhu akukaze kwenzeke embusweni kaZulu kusukela eSihlalweni sasoHlangeni. Nanxa kunjalo, okubalulekile ukuthi lezi ziNdlovukazi ezinhlanu aziyiphathanga inkatha kaZulu kodwa yayigcinwe ezandleni zeNdlovukazi uLangazana. Nguyena owayeyiletha ngaphambi kweNgonyama uma isifuneka futhi abuye ayibuyisele eSigodlweni uma sebeqedile ukuyisebenzisa.
INdlovukazi uLangazana inkatha yayiyigcina eSikhupheni, endlini yovu. Izintambo eyayithandelwa ngazo zaziluphawu lokuhlangana nokubumbana kwesizwe sikaZulu ukuze singahlukani. Inkatha yayibaluleke kakhulu ngangokuthi yayingakhishwa nje endlini yovu kunoma yimuphi umsebenzi owenziwa eNdlunkulu, kepha ibithintwa uma iSilo sigubha uMkhosi Woselwa noma siphaka impi iyohlasela ezinye izizwe. Kwakubonakala ngeNdlovukazi uLangazana ingena esibayeni ithwele inkatha ukuthi lukhulu luzokwenzeka ngalelo langa. Izingwevu zombuso zaziyifunda ivaliwe uma sezibona iNdlovukazi uLangazana ingena nenkatha esibayeni.
INdlovukazi uLangazana yayingeyona iNdlovukazi ngokuzala iSilo, kepha ubuNdlovukazi yayibuthole ngokuphathiswa nokwengamela inkatha kaZulu. Ngakho-ke yona nanxa ingazalanga ingane eyaba iNgonyama ebusayo, kepha ilungelo layo lalingaphezulu kweleNdlovukazi eyayizele iSilo. Iyona kuphela eyayiphethe izimfihlakalo ezinkulu endlini yoBukhosi bukaZulu.
INdlovukazi uLangazana yayinemizi eyayenganyelwe yiyo futhi ibusela kuyo njengokwesikhundla sayo sobuNdlovukazi. Owokuqala wagcina usuphethwe yiyo ngowaseSiklebheni okwakuwumuzi omdala weNgonyama uJama. Lesi Sigodlo kuzokhumbuleka ukuthi kwakungeseNdlovukazi uMkabi, kepha ngokukhothama kwayo sasesaziwa ngokuthi yisona sigodlo sokuqala lapho kubusela khona iNdlovukazi uLangazana.
Umuzi owawakhelwe yona kwakuseZembeni kwaCeza. Eminye imizi yoBukhosi eyayenganyelwe yiNdlovukazi uLangazana iseZembeni, eNkonjeni, kwaDliwayini naseNtonteleni. Kunamabutho ayehlala eyiqaphile le mizi futhi kwaziwa ukuthi ngeyeNdlovukazi uLangazana. Kunamabutho ezintombi zeSigodlo ayehlala kule mizi. Umuzi ngamunye wawuba nezintombi ezazibalelwa enkulungwaneni namakhulu amahlanu. Ukwengamela abantu abangako umuzi ngamunye kwakusho ukubhekana nezinkinga ezazidinga ukuxazululwa usuku nosuku. Ngakho iNdlovukazi uLangazana yayihlala ibhekene nokuqula amacala izinsuku zonke. Nanxa kunjalo, yayikhombisa ikhono elikhulu ekuphatheni abantu bayo kanti futhi icophelela kakhulu lapho ixazulula ukungenzwani kwabo. Lokhu kwakuyenza ukuba lapho ikhipha isinqumo bonke ebahlulelayo beneliseke ngobuqotho bayo. Udaba olwalusuke luphethwe yiyo lwalungabuye lwedluliselwe eNgonyameni. Iyona eyayenza ukuba umbutho wezintombi uhlale ngokuthula esigodlweni. Iyona yodwa eyayinikezwe ilungelo lokuba ifake umgexo wendlovukazi owawaziwa ngokuthi umnaka owawakhiwe ngethhusi. Leli thusi lalilethwa ngaBapedi besuka nalo eNtabazimbi, bezokhonza ngalo ebukhosini bukaZulu. Lo mgexo wawungafakwa nje yinoma ngubani ngaphandle kweNdlovukazi.
Le mvunulo yeziNdlovukazi zakwaZulu yayekwa ukusetshenziswa ngenkathi kutholakala ukuthi uma kushisha idala izilonda entanyeni. Yingakho isizwe esahamba nayo kwaZulu nesisayigcinile namanje ngesamaNdebele kuphela. AMakhosi oHlanga ayisithupha abusa ngesikhathi inkatha yesizwe iphethwe yiNdlovukazi uLangazana. Yayethenjwe kakhulu njengeNdlovukazi engunina wesizwe. Izaluleko zayo zazibalulekile kakhulu eSihlalweni soBukhosi.
INdlovukazi uLangazana yabe iyinhle kakhulu, imhlophe ngebala. Uyise uGubeshe wayeyiqambe leli gama esukela ekutheni yayimhlophe njengelanga. UGubeshe, kwathi mhla ezele yona wathi: “Namuhla ngizele iLangazana lentombi.”
INdlovukazi uLangazana kuthiwa yagcina isizimukile kakhulu. Nanxa kunjalo, yayibonakala ingenayo inkinga kulowo mzimba wayo. Kuthiwa yayibusa ngokudla inyama nokuphuza utshwala. Ingenye yamakhosikazi aMakhosi ayekubona ukubusa kweziNgonyama eziyisithupha kwaZulu, ngangokuthi ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uMpande kanye neSilo uCetshwayo, iNdlovukazi uLangazana yayisalokhu ingamele ekuphathweni kwesigodlo sikaZulu.
Yakubona ukubusa kweziNgonyama uSenzangakhona, uSigujana, uShaka, uDingana noMpande. Yakhothama sekubusa iSilo uCetshwayo Ondini. YiNdlovukazi uLangazana yodwa esingaqinisa ngokuthi yayazi kakhulu ekwakhiweni nasekubuseni kwaMakhosi akwaZulu. Yakubona ngamehlo ukwakhiwa nokudlondlobala kombusokazi omkhulu kaZulu. Yayikuqonda kahle ukuthi izimfihlakalo zoBukhosi eyayihlezi phezu kwazo izigcinile zazisho ukuthini ekwakhiweni kombuso kaZulu. Yabona lukhulu namhla amaNgisi engena Ondini ebubhidliza ubukhosi bukaZulu ngelanga elilodwa. Yaqoma ukufa kunokuba inikele ngamandla kaZulu ezitheni zakhe. UBukhosi bukaZulu kwala noma aBantwana neZikhulu sebezama ukubudicilela phansi kodwa bumile njengentaba yaseSandlwana eyaphuza igazi lamaqhawe kepha engasoze yabhidlizwa muntu.
INdlovukazi uLangazana yakhothama mhlazana amaNgisi enqoba uZulu Ondini. Yaphelela esigodlweni sayo eZembeni. Kwathi lapho isibona ukuthi amaNgisi aseyaluthatha uNdi, yathatha inkatha nezinsonga zoBukhosi yazifihla ngokuzimbela enhlabathini kaZulu. Kwathi uma isizifihlile yase ithatha isinqindi sayo, yazinquma ngaso uqhoqhoqho. Yalala yaphumula kanjalo intombi kaGubeshe. Inhloso yayo yokufihla lezi zinto yathi kayifuni ukuba abeLungu bathathe amandla kaZulu noma bengamnqoba ngezikhali zabo ezazibhodla amalangabi omlilo.
Kunomunye uNdlunkulu ongangenanga esikhundleni sokuba yiNdlovukazi kepha iNgonyama uSenzangakhona yayisimkhethile ukuthi iyoba ngunina weNkosana yayo. Lo Ndlunkulu ukaSondaba uMaButhelezi owayezala uMntwana uBhakuza kaSenzangakhona owasala empini ngenkathi iNkosi uDingiswayo ihlasela uPhungashe kwaButhelezi.