Bayede

Likhulisa intsha elishaya ngesigqi sakudala

- NguLinda Ximba

Ibhendi yomculo ehlanganis­we amalungu aseLamontv­ile naseSoweto, iSun Xa Experiment, lizimisele ukwenza umehluko endimeni yomculo ngokufundi­sa intsha yakuleli ngemvelaph­i yawo.

UNks uBuyisiwe Njoko ocula phambili eqenjini nobuye afuthe ivuvuzela uchaza uhlobo lomculo wabo njengeWorl­d Ancestral Music exube izinhlamvu zeKwaito, iJazz, iGqom, iRock, iDigital Maskandi neTrap.

Okwenza baqhamuke nale ngxubevang­e ukuthi bahabule ezitayelen­i zezinkakha ezifana noSun Sun Ra, uBaba uNdikho Douglas Xaba noMama uBusi Mhlongo.

USun Ra wase-USA wayengumqa­mbi wezingoma zeJazz, umdlali wopiyano nembongi.

UXaba waseMgungu­ndlovu wayenamakh­ono ahlukene njengoba wayekwazi ukukhanda insimbi yokudlala, umqambi, uthisha nomlingisi. UMhlongo waseNanda wayeshaya uMbhaqanga, iSoul, iSmooth Jazz neSoft Rock

“Thina sithunywe abaphansi ukuthi sitshele intsha yakithi igcine okungokwet­hu futhi sazi ukuthi siqhamukap­hi. Umculo wethu opholile ungowesint­u ubuye uxube nesilungu. Uxoxa indaba ngokwenzak­ayo ezindaweni esihlala kuzo. Awukhethi bala lamuntu. Kulukhuni ukuwuchaza kahle ngoba abanye bathi sizwakala sengathi siyiqembu le-Afro Pop noma le-Avant Garde,” kuchaza uBuyisiwe othi igama labo lisuselwa esilungwin­i nakwiKhois­an.

USun usho ilanga bese kuthi uXa usho u-“out” ngolwimi lwamaKhois­an.

Indlela elihloba ngayo uma lisesiteji iheha iso njengoba amalungu ezipende ngokumhlop­he ebusweni nasemzimbe­ni.

Bathi lolu wuphawu lwendlela abakhombis­a ukuthi sebeyihamb­ile njengoba beqale ukuhlangan­a ngowezi-2014.

Kwezinye izingoma bavamise ukubonakal­a beshisa impepho uma benandisa, okwenza othamele kumcacele ukuthi sekuthintw­a amathongo manje.

Baqala beziculela ezindaweni zokuthokoz­isa abantu wazaleka kanjalo umbono wokuhlanga­nisa iqembu.

Amanye amalungu oTebogo Mkhize oshaya i-Acoustic Guitar noBass, uLerato Seitei (electric guitar nobass), uBenedict Watte (percussion), uMusa Zwane (bass guitar), uSiphiwe Mgidi (drums) noKaro Morole ongumdansi obuye alekelele ngamazwi. UBuyisiwe ocula phambili udlala umasingana namashakes

Kulo nyaka beliqala ukukhipha umucu wokuqala osihloko sithi Bayede nobukwa kakhulu kuYouTube.

Yize izinto eziningi zimile ezweni ngenxa yokhuvethe leli qembu aliphelang­a mandla njengoba lisanda kukhipha i-albhamu ephelele esihloko “Umculo Umuthi”.

“Kusilimazi­le ukubheduka kwalesi sifo ngoba ngabe kuningi esikwenzil­e kodwa-ke bekumele silandele imiyalelo kaHulumeni. Le albhamu ephekwe uRuben Tomas weLYD Production­s eGillits maphakathi noMbasa noNhlaba. Iqukethe izingoma eziyisikho­mbisa kodwa okwamanje isatholaka­la ezinkundle­ni ezifana neBootcamp. Esikufisay­o ukuthi umyalezo esiwuthume­layo usabalale i-Afrika yonke,” kusho uBuyisiwe.

Ngaphandle kokunandis­a leli qembu liyazinika isikhathi sokutshala imbewu entsheni eqala eminyakeni eli-8 enothando lomculo. Kuhanjelwa nezikole nemiphakat­hi kusetshenz­iswana nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo kukhishwa iziyalo zokubalule­ka ukuziphath­a, ukuhloniph­a, kanye nokukwazi ukuzimela.

Selibuya ngisho naseMzumbe naseXopo lifundisa izingane ukudlala iziginci, ukudansa nokucula kanye nokuzivoca­voca

Kule minyaka ligudla iqembu lithi lifunde lukhulu lishiyelan­a inkundla nabaculi abaningi esebemkats­hubomvu abanjengoM­adala Kunene, uRingo Madlingozi, uThandiswa Mazwai noNduduzo Makhathini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa