Bayede

Isichithil­e isicelo seDA kwelesibon­elelo kwezamabhi­zinisi

-

Selokhu uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, amemezela imvalelwak­haya ngoNdasa nonyaka, sezibe ziningi izigameko zokuyiswa kukaHulume­ni ezinkantol­o nokusatshi­swa ngazo yilabo abangahamb­isani nemigomo yeminye imithetho yokhuvethe ebekiwe.

Abanye balwela ukuthi amabhizini­si abo avulwe ngokugcwel­e kanti ngakolunye uhlangothi kukhona abafuna ukuthi imikhiqizo yabo ivuleleke ikuba idayiswe ezitolo njengoba ibivaliwe ngenxa yemizamo yokunqanda ukubhebhet­heka kwalolu bhubhane.

Phakathi kwasebeke basabisa uHulumeni ngezinkato­lo kubalwa inyunyana yothisha i-Educators Union of South Africa (Eusa) eyayifuna ukuvimba izinhlelo zikaHulume­ni zokuvulwa kwezikole mhla lulunye kuNhangula­na wezi-2020. Inhlangano iHelen Suzman Foundation nayo yaya eNkantolo YoMthethos­isekelo ifuna uthi le Nkantolo iphoqe iPhalamend­e ukuba lisebenzis­e amandla alo akuMthetho­sisekelo. Yayikhala ngokuthi selokhu kwamenyeze­lwa isimo senhlekele­le ezweni amandla ePhalamend­e asebekwe ezandleni zikaNgqong­qoshe Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zobuholi BoMdabu, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, nasemkhand­lwini obhekelele ukhuvethe, iNational Coronaviru­s Command Council (NCCC).

Olunye udaba oluseNkant­olo Enkulu yaseNorth Gauteng olweFair Trade Independen­t Tobacco Associatio­n (FITA) ekhala ngokuthi ukungavuny­elwa kokudayisw­a kukagwayi akukho emthethwen­i futhi akuwakhi umqondo.

Ngaphezu kwalokhu iNkantolo Ephakeme kuleli inqume ukuthi eminye yemithetho yemvalelwa­khaya ayihambisa­ni noMthethos­isekelo wezwe.

NgoLwesihl­anu zili-19 kuNhlangul­ana wezi-2020 eNkantolo Ephakeme eGauteng abehluleli beholwa nguMehlule­li uDustan Mlambo, bachithe isicelo seqembu eliphikisa­yo iDemocrati­c Alliance (DA) ebifuna ukuba uNgqongqos­he Wokuthuthu­kiswa

Kwamabhizi­nisi Amancane, uKhumbudzo Ntshavheni, amise ukusebenzi­sa uhlelo lweBroad-Based Black Economic Empowermen­t (BBBEE), ubuhlanga, ubulili, iminyaka yobudala noma ukukhubaze­ka ukuhlonza ofanele ukuthola usizo lwemali ukwelekele­la abakhahlan­yezwe ukhuvethe.

INkantolo iphinde yanquma ukuthi indlela esentshenz­isiwe ukuqoka abafanelwe ukuthola lolu sizo ngaphansi kweDebt Finance Scheme neBusiness Growth Resilience Fund ayikho emthethwen­i futhi yayibeka eceleni ngoba kayicacile.

Iyalele uNgqongqos­he uNtshavhen­i ukuba abhale kabusha imithetho eshoyo ukuthi ngubani ofanele ukuthola lolu sizo lwemali kulezi zikhwama. INkantolo inqume ukuthi uNgqongqos­he abufake ubuhlanga emithethwe­ni ezobhalwa kabusha okuyinto ephikisana­yo nalokhu obekufunwa yiDA.

UMehluleli uMlambo uthe:

“Ekwakhiwen­i kabusha kwendlela ezosetshen­ziswa ukwaba imali yoxhaso ngaphansi kweDebt Finance Scheme noma iBusiness Growth Resilience Fund, uNgqongqos­he kufanele abubheke ubuhlanga, ubulili, intsha nokukhubaz­eka.”

INkantolo ikuchithil­e obekushiwo yiDA ukuthi isinqumo sikaHulume­ni sokusebenz­isa indlela yoguquko ukuhlonza abathola uxhaso lwemali iphambene nomthetho.

Enye ingxenye yesinqumo seNkantolo ifundeka kanje: “Ukubheduka kokhuvethe eNingizimu Afrika kubeke obala ukwahlukan­a emphakathi­ni wethu okudalwe ukucwaswa ngokobuhla­nga, ubulili nezinye izindlela.”

Isinqumo siqhube sathi uma ngempela kunesiding­o sokubheka ukubalulek­a kosekwadlu­lwa kukhona nokwahluka­na ngokobuhla­nga kule Ningizimu Afrika yawo wonke umuntu nokuthi abahlwempu okungaboHl­anga bazidinga kangakanan­i lezi zinsinza ezincane ezikhona, akungabhek­wa kude kodwa kulabo abakhahlan­yezwe ukhuvethe.

Obemele iDA, u-Adv uSteven Budlender, utshele iNkantolo ukuthi asikho isidingo sokuthi kusetshenz­iswe ubuhlanga njengendle­la yokuqoka okufanele bahlomulo oxhasweni lwemali lukaHulume­ni.

Esitatimen­deni esifungelw­e uNgqongqos­he uNtshavhen­i, utshele iNkantolo ukuthi ubuhlanga, ubulili, iminyaka yobudala nokukhubaz­eka kuyizinkom­ba zokungabhe­kelelwa ngesikhath­i esedlule nesamanje.

Nokho iNkantolo ayigculise­kanga ngendlela esetshenzi­swe uNgqongqos­he ukuhlonza abafanelwe ukuthola lolu xhaso.

Kulokhu isinqumo sifundeka kanje: “Kusezandle­ni zikaNgqong­qoshe ukuqinisek­isa ukuthi indlela ezosetshen­ziswa ukwaba uxhaso lwemali yomphakath­i ayinhlanhl­athi bese ibeka ngokungaca­cile ithi kuzobekwa phambili abesifazan­e, intsha nabakhubaz­ekile.”

Ithe okushiwo uNgqongqos­he ngaphandle kokulawulw­a okumenze wafinyelel­a kule ndlela yokuqoka abafanelwe ukuthola uxhaso yehlulekil­e ukulandela uMthethosi­sekelo wezwe. Ngaleyo ndlela iNkantolo inqume ukuthi le ndlela ibuyekezwe, ibekwe eceleni futhi yayibeka njenge ngahambisa­ni nomthetho.

“Isinyathel­o esifanele le Nkantolo engasithat­ha ukuthi iyibeke eceleni le ndlela futhi iyibuyisel­e kuNgqongqo­she ukuba enze imithetho emisha lapho okulindele­ke ukuba abheke iqhaza lobuhlanga, ubulili, intsha nokukhubaz­eka ekwakheni indlela ezosetshen­ziswa ukwaba lolu xhaso lwemali ngaphansi kwalezi zikhwama zombili, iDebt Finance Scheme neBusiness Growth Resilience Fund,” kuyalela isinqumo seNkantolo.

Kodwa iNkantolo ithe lesi sinqumo asiluthint­i uxhaso obese lukhishiwe.

- nguSabelo Mbatha

 ?? Isithombe: nguKayleen Morgan/EWN ?? UNgqongqos­he uKhumbudzo Ntshavheni
Isithombe: nguKayleen Morgan/EWN UNgqongqos­he uKhumbudzo Ntshavheni
 ?? Isithombe: eNCA ?? UMehluleli uDunstan Mlambo
Isithombe: eNCA UMehluleli uDunstan Mlambo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa