IZOPHUMA MADUZE INGOMA ENTSHA ENGOMANDOZA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

ILINDELEKE kuleli sonto eliqala kusasa ingoma yobeyisigelekeqe ayibhale ngomduduzi Tshabalala, odume ngelikamandoza, ongasekho emhlabeni.

Abaningi baqale ukubona lo mculi ogama lakhe ngupascal Mazibuko, osayindwe ngaphansi kwenkampani yaso lesi sihlabani inkalakatha Records, ngesikhathi eshaya le ngoma bukhoma emngcwabeni weqhawe lakhe elidlule emhlabeni cishe ezinyangeni ezine ezedlule.

Ngosuku lomngcwabo, kuqinisekisiwe ukuthi lona ngumculi wokuqala ongaphansi kwale nkampani kanti ingoma ethi “umandoza utshabalala” uyibhale ngesikhathi eqala ukugula umandoza, emgqugquzela ukuba asinde.

Ngenhlanhla ubenalo ithuba lokuliculela iqhawe lakhe lisaphila ngomandulo (September).

Ekhuluma nephephandaba lesingisi eliphuma nsuku zonke upascal uthe mhlawumpe nanamuhla ngabe usaphila impilo yobugebengu ukuba akufikanga umandoza empilweni yakhe.

“Ngiyohlala ngimbonga njalo umandoza ngokungisiza. Namuhla ngiwumkhwenyana nobaba wezingane ezimbili. Nguye ongikhombise ukuthi nginethalente, mangishiye phansi impilo yobugebengu. Ngesikhathi sengiyohlala e-port Elizabeth ukuze ngiqale kabusha impilo ubehlala ezongibheka,” usho kanje.

Ukushona kukamandoza kushaqise abantu abaningi, hhayi abantu baseningizimu Afrika kuphela, kodwa nabasemazweni angaphandle imbala. Ugcine ukubonakala ecula bukhoma ebuthakathaka kwikhonsathi ebelibizwa ngokuthi YI-SABC Music Concert, ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba ashone.

ISITHOMBE: SA BREAKING NEWS

NGUMANDOZA Tshabalala ongasekho okubhalwe ngaye ingoma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.