Ithemba lesicoco kwitottenham

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - KUSASA NGOMSOMBULUKO KUSASA NGOMSOMBULUKO

KUBUYA ithemba ngesicoco seEnglish Premiership kumousa Dembele ogijima kwitottenham Hotspur ephule izinhliziyo zabalandeli bechelsea iyinenebula ngo-2-0 phakathi nesonto koweEnglish Premiership.

Ispurs iphule irekhodi lechelsea ebisinqobe imidlalo eli-13 kulandelana. Ispurs ibinqoba umdlalo wesihlanu kulandelana, okuyinto enikeza udembele ithemba lokumuka nesicoco sepremiership.

Ispurs kumanje ihleli endaweni yesithathu kwi-log, kanti isele ngamaphuzu ayisikhombisa kwichelsea eqhwakele.

Ichelsea iqede iphupho lespurs lokunqoba iligi ngesizini edlule ithela muva njengembumba kuba ngu-2-2, okwenze ileicester City yagcotshwa njengezingqwele ezintsha zepremiership. Udembele uthi ispurs ifunde lukhulu ngokwenzeke ngesizini edlule.

“Sesishintshe kakhulu manje kunangesizini edlule. Sikhombisa izimpawu zokukhula, kanti nezinga lethu selithuthukile. Kube buhlungu siphunyukwa yisicoco ngesizini edlule.

"Lokho kusiqinise kakhulu ukhakhayi. Uma siqhubeka kanjena ngibona emakhulu amathuba okuthi sesule abalandeli bethu izinyembezi.

"Silenyuse kakhulu izinga kule midlalo eyisihlanu edlule. Sizosebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi siqhubeka nomgqigqo wethu,” kusho udembele odabuka ebelgium.

Ispurs iqhathwe ne-aston Villa emdlalweni womzuliswano wesithathu wefa Cup namuhla ngesonto ngo-18h00. Izokhuza ibuya emidlalweni yepremiership ngokududulana newest Brom mhla zili-14 kwephezulu.

Imidlalo yefa Cup namuhla ngesonto ihlelwe kanje: Cardiff City vs Fulham 13h30. Middlesbrough vs Sheffield Wednesday 17h00.

Tottenham Hotspur vs Aston Villa 18h00.

Cambridge United vs Leeds United 21h45.

Eyespanish La Liga namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Athletic Club vs Deportivo Alavès 13h00.

Real Betis vs Leganès 17h15. Celta de Vigo vs M·laga 19h30. Villarreal vs Barcelona 21h45.

Osasuna vs Valencia 21h45.

ISITHOMBE NGABE: GETTY IMAGES

NGUMDLALI wetottenham Hotspur umousa Dembele egadulisana nocraig Gardner wewest Brom komunye umdlalo we-barclays Premier League.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.