Sisathandwa namanje iskwatta Kamp

Bekwethulwa izinhlelo ezintsha

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

KUSUKUME indlu kwachazeka lonke uhlobo lomuntu obeluseGood Luck Bar, enewtown, egoli ngolwesine kusihlwa kuvumbuka esteji iqembu, iskwatta Kamp, elidume kakhulu eminyakeni edlule ngenqwaba yamanoni. Sekuyiminyakanyaka leli qembu lashabalala nakuba amalungu alo ebeqhubeka ecula ngawodwana.

Bekuvalwe ngomuntu emnyango emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo ezintsha zakwaSABC okubalwa kuzo itjovitjo, okuyiyo abagabe ngayo, yirented Family, Thuli nothulani, Indwe, On The Shoulders, Uprize, Freedom Mixtape nezinye ezifudunyeziwe.

Iskwatta Kamp sakhiwe yisiqhoqho samadoda aseyisithupha bese sigqama ngephimbo likarelo owayengelona ilunga eligcwele njengoba eqale ukusetshenziswa ukuzofaka iphimbo nje wagcina esengena ngesiphanga ngenxa yokuthandwa ikakhulukazi engomeni Umoya.

Bangene esiteji bephelele ngaphandle kukaflabba (owayengowesikhombisa, oshone eminyakeni emibili edlule) ngemuva kokugwazwa yintombi yakhe, usindisiwe Manqele.

Bangene inkundla ivele ishisa njengoba abadansi abazobonakala emdlalweni itjovitjo bebenza ezibukwayo ngesipansula kusukela umcimbi uqala kwaze kwaba sekugcineni.

Bashaye wonke amanoni athathwe kuma-albhamu abawadedele kusukela ngo-2002 kuze kube ngu-2005 bekhipha ethi Fair and Skwear. Babe yiqembu lokuqala le- hip hop kuleli elidayise ngaphezu kwezi-25 000 emuva kokukhishwa kwe-albhamu ethi Mkhukhu Funkshen ngo-2003 bawina nezindondo zamasama.

Kukhombisile ukuthi abantu babalambele njengoba bekubhiyoza abancane nabadala ikakhulukazi uma sebededelana becikoza noma urelo eteketisa iphimbo lakhe.

Uvincent Moloi, ongumqondisi wetjovitjo, uthe sekuphele iminyaka emihlanu bawuthumela lo mdlalo ESABC njengoba beze banikezwa manje igunya lokuwuqopha.

Uzoqala ukukhonjiswa namuhla ngehora lesi-20h00 ebusuku.

Uclara Nzima, oyinhloko yaKWASABC 1, uthe isinqumo sabo sokweseka le midlalo emisha yingoba bezibophezele futhi belandela ikhwelo lokuthuthukisa imboni ngokudedela imidlalo evutshelwe kuleli.

zowakha@ilanganews.co.za

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

I-SKWATTA KAMP singene kwachwaza indlu yonke emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kwezinhlelo ezintsha ZESABC obusenewtown, egoli ngolwesine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.