UKHALA UYAZITHULISA OGILWE EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ALUTA MBELE

AKALUPHUPHI ngisho elele uthando lwezinkundla zokuxhumana owesilisa oyisitabane wasentuzuma, enyakatho yetheku, othi uqolwe khona imali ngomunye wesilisa abesemtholile.

Umnu (igama lakhe eligodliwe ukuvikela isithunzi sakhe) oneminyaka engama-37, uthi isigameko esimehlele akasoze asikhohlwa empilweni yakhe lapho eqolwe yindoda izibuko nehembe okubiza imali elinganiselwa ku-r4000. Uthi izibuko zakhe bezingakaqedi ngisho unyaka ezithengile.

Le nsizwa ithi igilwe yindoda ehlangane nayo enkundleni yokuxhumana, i- facebook.

Ekhuluma NELANGA Langesonto, uthe udinga nokwelulekwa ngokwengqondo ukuze akwazi ukudlulisa lokhu okumehlele. Uphinde wazisola ngokuthi ulale nale ndoda beqala ukubonana, besazane izinsuku ezintathu.

“Sengigileke kakhulu mfowethu ngidlala amadoda. Bese ngizitshelile ukuthi ngithole umuntu ongithandayo kodwa amathemba asephinde ashabalala. Sihlangane naye kuyo le nyanga (August), ufike emsebenzini ngoba kumele sibonane futhi nguyena okhethe ukuza lapho ngisebenzela khona.

“Sancokola naye ehhovisi saze senza ucansi khona lapho, sachitha eside isikhathi sihleli kanti angibuzanga elangeni. Emuva kwesikhathi ehambile uma ngithi ngiyabheka etafuleni, lapho bengibeke khona izibuko zami azisabonwa. Uma ngimfonela ngimbuza ngazo wathi uzithathe ngephutha, uzoziletha ngakusasa.

“Ngalinda umnyama ongenafu umuntu lutho ukufika elokhu ethembisile ukuthi uyeza, usevele wangiblocka kuwhatsapp nakufacebook. Uma ngimfonela akasazibambi izingcingo zami. Uma ngifona ngenye inombolo uyayibamba uma eke wezwa ukuthi yimi avele ayivale,” kubalisa le nsizwa.

Uthi usemsabise kaningi ezitshela ukuthi uzozibuyisa kodwa lutho, uke wazama nokumdoba ethi mababuyelane ngoba usamthanda kube ngathi uyavuma kodwa uma sekumele kufike usuku avele angalubambi ucingo.

Uthi kunzima ngoba akazi nokuthi angashona kuphi uma kuthiwa uyombheka njengoba engazi ukuthi uhlala kuphi.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ekuphenyeni kwalo, umsolwa ( ILANGA Langesonto elinalo igama lakhe langempela) uzibiza ngongutyani Msuthu ezinkundleni zokuxhumana.

Ngesikhathi ethintwa ungutyani ucingo lwakhe luphendulwe ngumlisa obekhuluma isingisi okuthe esakhuluma kwezwakala yena ethi makanikwe ucingo lwakhe.

Uluvale kwaze kwaba yizikhawu eziyisihlanu ucingo ngesikhathi ebuzwa ngalesi sigameko, engafuni ukuphendula wagcina esethi angabe esafonelwa.

“Uyandazi apho ndihlala khona, why engezi kum? Ndicela ungabe usandifonela bhuti please ndiyakucela, ” kuncenga le nsizwa yase ivala ucingo.

editor@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.