Bahlikiza eyesichuse esizobekwa ebhishi

Bathi uzokwehliswa isithunzi

Ilanga langeSonto - - Izindaba - KNOWLEDGE SIEMLANE

BAVUTHA bengabaselwe abebandla lamanazaretha ohlangothini lwasekuphakameni oluholwa yinkosi uvukani Shembe ngodaba lokubekwa kwesichuse sikamqambiwendlela inkosi u-isaiah Shembe, ebhishi ethekwini.

Bathi kuzolulaza isithunzi sakhe nebandla ukuba inkosi yabo ichithelwe yizinyoni ekhanda uma zihlezi phezu kwaso. ILANGA Langesonto lithole ukuthi sekuphele cishe iminyaka eyishumi lesi sichuse sakhiwa ngumasipala wetheku ngenhloso yokuheha izivakashi nokuhlonipha leli qhawe okukholakala ukuthi lake lathulisa ulwandle.

Kuthiwa lesi sichuse sesalala izintuli emahhovisi ezamapaki nezokungcebeleka nezokuvakasha kumasipala wetheku emuva kokuba uhlangothi lwasekuphakameni lwashaya phansi ngonyawo lwathi lingawa licoshwe zinkukhu ukuthi umphrofethi wabo nomsunguli webandla anekwe emabhishi njengesichuse sikabotha.

Okhulumela uhlangothi lwasekuphakameni, umshumayeli Thetha Ngiba, uvumile ukuthi uyalwazi udaba ngisho ukuqala kwalo. Uthe: “Siyibandla lamanazaretha siyakuthokozela ukuba kuhlonishwe umholi wethu ngendlela enesizotha. Sawutshela umkhandlu wetheku kusaphethe imeya, umnu Obed Mlaba ukuthi esingahambisani nakho wukuba isichuse simiswe endaweni okungagcina umphakathi osondela kusona wenza noma yini engalungile.

"Kulesi sikabotha nje esisaziyo ethekwini siye sibone abantu bencika kusona abesilisa nabesifazane benza noma yini enyanyekayo. Ngisho izinyoni zihlala kusona zizikhulule ekhanda laso. Ngeke-ke sikuvume lokho thina kwenzeke emfanekisweni womholi wethu.”

Umshumayeli ungiba uthe usakhumbula nokuthi lolu daba lwaze lwabuya enkantolo kepha lwagcina kusazoxoxiswana ngalo. Ayiphumelelanga imizamo yokuthola okhulumela abohla- ngothi lwasebuhleni, kepha abasondelene nabo bathi nakhona bashaya phansi ngonyawo abayingeni eyesichuse senkosi yabo ebhishi.

Uhlangothi lwasethembezinhle ngomlomo kamnu Nkululeko Mthethwa bathi kabazi lutho ngodaba lwesichuse.

Okhulumela umasipala weTheku unkz Tozi Mthethwa, uthe abezamapaki kumasipala weTheku bathe izingxoxo zisaqhubeka kepha abadalulanga ukuthi baxoxa naluphi uhlangothi.

ISITHOMBE : YINQOLOBANE YELANGA

UMSUNGULI webandla lamanazaretha inkosi u-isaiah Shembe ebizwa ngobhombela noma umqambiwendlela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.