Baqolwe ngenombolo yomculi kamasikandi

Uphaphanyiswe ngasondelene nabo

Ilanga langeSonto - - Izindaba - JOHN HLONGWA

SIKHALA siyazithulisa isilomo sikamasikandi okusetshenziswe inombolo yaso kamakhalekhukhwini negama laso kuqolwa abantu.

Ukhangelani “DSD” Mhlongo ongumculi kamasikandi ukhala ngendoda engaziwa okuthiwa intshontshe inombolo yakhe kamakhalekhukhwini yayisebenzisa ukwenza umkhonyovu, ifuna izimali kubantu. Lesi silomo emculweni kamasikandi, silandisa ILANGA Langesonto sithe:

“Ngiqale ukusola ukuthi kusetshenziswa inombolo yami ngesikhathi ngibona kubhalwe efonini yami ukuthi ‘ no network registered’.”

Eqhubeka elandisa leli phephandaba uthi ugcine eseshayelwa ucingo kwenye inombolo yakhe, ngabantu asondelene nabo, bembuza ukuthi konakelephi kwenye inombolo yakhe ngoba uma beyifonela ucingo luphendulwa ngumuntu abangamqondi.

“Ngisukume ngaleso sikhathi ngayoyilungisa le nkinga ebese kuphele izinsuku ezine iqhubeka,” kulanda yena.

Uthi uvule icala esiteshini samaphoyisa ekatlehong, egoli, wacela abantu ukuba baqaphele lezo zigebengu eziqola ngamagama abantu abangosaziwayo noma abadumile.

Leli phephandaba likhulume nonkz Thobile Sokhele wasemsinga othi ucishe wagilwa yilo mlisa mumbe. Uthi le ndoda imthembise ukumtholela umsebenzi wokuba ngumabhalane kwenye yezinkampani ezinkulu ethekwini, yamyalela ukuba afake imali ukuze imfake kulo msebenzi.

“Ngisizwe wukuthi ngingumuntu othanda ukwenza izinto ngendlela ehlelekile. Lo muntu ubethi mangimfakele ur10 000 kwaspar ukuze angifake emsebenzini,” kusho yena.

Uthi akazange ayifake le mali ngoba usheshe wasola ukuthi kukhona okunuka santungwana.

ILANGA Langesonto liphinde laxhumana noBimmie Mbumbe ongumholi weqembu lesicathamiya inqabayevangeli, naye okhala ngokuthi uqolwe yile ndoda.

Uthi lelo qola limtshele ukuthi njengoba inqabayevangeli iqokiwe kumasouth African Traditional Music Awards (SATMA) lona (iqola) lizobenza bawine ngoba lazana nomnu Dumisani Goba, ongumsunguli waMASATMA. Uma elanda uthi lo mlisa uthembise ukuthi uzobakhanyisela indlela yabo ngokuba agwaze kumnu Goba, wase efuna imali.

Ubimmie uthi uyise ugcine eyifakile imali ebifunwa yileli qola eyi-r 1000 espar njengoba bebeyalelwe, wabe esethumela kuye lo mlisa yo- nke imininingwane edingekayo uma umuntu ezokhipha imali kwaspar.

Ubimmie uthi baze babona ukuthi kukhona okushaya amanzi uma UDSD esebhale kwi- profile yakhe kawhatsapp exwayisa ngokuthi kukhona osebenzisa inombolo yakhe ngokungemthetho.

Izolo amaphoyisa asekatlehong akuqinisekisile ukuthi likhona icala lobugebengu elivuliwe. Ukhangelani uphethe ngokuxolisa kubona bonke abahlukumezekile nabathintekile kulobu bugebengu.

hlongwaj@ilanganews.co.za

ISITHOMBE: JOHN HLONGWA

UKHANGELANI “DSD” Mhlongo okhala ngothile wesilisa athi usebenzise inombolo yakhe kamakhalekhukhwini ngokungemthetho ngenhloso yokuqola abantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.