Ugwetshiwe obezibiza ngomntwana

Unoxhaxha

Ilanga langeSonto - - Izindaba - PAMELA ZUNGU

UGWETSHWE iminyaka eyisihlanu engaliboni ilanga owesifazane obebhekene noxhaxha lwamacala okuqola abantu imali eshisiwe.

Ngolwesine inkantolo yemantshi yasethekwini, igixabeze unokwanda Zulu (35), ngeminyaka eyisihlanu ebhadla ejele emuva kokulahlwa ngamacala ayisihlanu okukhwabanisa.

Unokwanda ubeqola abantu izizumbulu zemali, ebathembisa ukubatholela amathenda. Kutholakale ukuthi uma ebaqola ubezibiza ngesiqumama sikasomabhizinisi onenkampani emtateni, ethekwini.

Inkantolo itshele unokwanda ukuthi amacala awenzile anzima futhi bonke abantu abaqolile balahlekelwe kakhulu. Iveze ukuthi unemasters Degree ezifundweni zokumaketha ngakho-ke ubengathola umsebenzi obungamholela kahle.

“Inkinga yakho yokugembula yiyona ekufake kulolu bishi. Unoxhaxha lwamacala okuqola abantu ngenxa yale nkinga. Uke wagwetshwa phambilini ngamacala afuze lawa.

“Kuwumsebenzi wezinkantolo ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi ivikelekile kubantu abafana nawe futhi kumele ziqinisekise ukuthi abantu abenza amacala afuze lawo bayajeza.

"Amacala owenzile abucayi, ngakho-ke kumele ujeze. Inkantolo uma isikugweba, kumele icabangele isimo sempilo yakho njengoba unesifo somdlavuza,” kusho imantshi, ustanley Hlophe.

Ngokuthola KWELANGA Langesonto, unokwanda ugwetshwe iminyaka emithathu yile nkantolo ngomasingana (January) ngokuqola abantu njengoba ubezibiza ngomzukulu kamntwana ugideon Zulu ongasekho, owake waba ngungqongqoshe wezenhlalakahle Kwazulu-natal eminyakeni edlule.

Leli phephandaba lithole ukuthi unokwanda akasiyena umzukulu kamntwana ugideon njengoba ubezichaza kanjalo kubantu uma esebaqola, kodwa ungumzukulu kaMntwana uwalter Zulu. phumelela@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.