ISITHOMBE SESONTO

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

INGOZI enyantisa igazi edlule nenqwaba yemiphefumulo yabantu ishiye abaningi beshaqekile futhi bethuthumela. Kule ngozi yetekisi ebithwele abantu benkonzo kushone abangama-20 kanti inkonzo yabo yomgcwabo inamuhla ezinkundleni zemidlalo khona Kwaximba. Ingozi yenzeke ngesonto Kwaximba, emgungundlovu. Kubikwe ukuthi leli tekisi belilayishe ngokweqile. Umnyango wezokuthutha esitatimendeni ubike ukuthi itekisi belilayishe abantu abangama-26 esikhundleni sabayi-16, kanti namabhuleki kutholakale ukuthi abengasebenzi ngendlela.

ISITHOMBE: THE DAILY VOX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.