IZIMISELE NGOKUGCINA UMGQIGQO I-ASA

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - MZWAMANDLA ZONDI

IZIMISELE ngokugcina umgqigqo omuhle emidlalweni yamazwe omhlaba i-athletics South Africa ebheke lukhulu esikwatini esithumela kwiconfederation of African Athletics (CAA) Southern Region Half Marathon ezokuba mhla zili-16 kumandulo (September) enamibia.

Abasubathi baseningizimu Afrika basanda kujabulisa isizwe benza kahle kwi-international Association of Athletics Federation (IAAF) World Championship elondon muva nje. Abasubathi bakuleli babuye nezi-ndondo eziyisi-6 emidlalweni yaselondon. I-ASA ngeledlule imemezele abasubathi abali15 abazoyimela enamibia.

Okugqamile eqenjini lakuleli wukuthi munye nje vo umsubathi wakwazulu-natal ofakwe kulona, ujenet Dlamini. Nokho uboshelwe nabasubathi asebemnkantshubomvu kwezokugijima.

Kwabesifazane kukhona ulebogang Phalula, umapaseka Makhanya obemele iningizimu Afrika elondon, uzintle Xiniwe ukubala nje abambalwa.

Kwabesilisa kukhona ustephen Mokoka ophethe irekhodi lakuleli le-10km, u-elroy Gelant ophume kweyamanqamu nyakenye kwi-5 000m kuma-olympic abesebrazil. Abasubathi abazokwenza kahle kule midlalo bazothola ithuba lokumela amazwe abo ngonyaka ozayo evalencia, espain.

“Le midlalo ngeyokulungiselela ama-olympic angowezi-2020 ejapan. Ngikholwa wukuthi ukwenza kahle kwabagijimi bakuleli elondon kuzogqugquzela abaya enamibia ukwenza okufanayo kwazise ngonyaka ozayo sibheke kumacommonwealth Game,” kusho u-aleck Skhosana ongumengameli weASA.

Selilonke iqembu lakuleli limi kanje, kwabesilisa: ustephen Mokoka (AGN); u-elroy Gelant (ACNW); uprecious Mashele (AGN); umelikhaya Frans (EPA); umbongeni Ngxazozo (CGA); ujoel Mmone (ACNW) nothabang Mosiako (ACNW).

Kwabesifazane: ucornelia Joubert (CGA); umapaseka Makhanya (CGA); ulebogang Phalula (CGA); ujenet Dlamini (KZNA); uzintle Xiniwe (WPA); unolene Conrad (WPA); untombesintu Mfunzi (EPA) nochristine Kalmer (CGA).

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

NGUMAPASEKA Makhanya oseqenjini lakuleli elizobamba iqhaza emidlalweni engenyanga ezayo enamibia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.