Iyaqhubeka eye-arrows newits

Abanamakhadi abomvu babuya ngomdlalo wala makilabhu

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - MFANAFUTHI NDLOVU

ILWELA ukuzigcina iyimbumba ilamontville Golden Arrows esayinise uyusuf Jappie Mogamat oyisikhwishikhwishi sasesiswini.

Ugordon Masondo oyisikhulu esiphezulu sabafana Bes’thende utshele leli phephandaba ukuthi babheke lukhulu kuyusuf abamthole kwimilano United egijima kwinational First Division (NFD). Le kilabhu seyibizwa ngetshakhuma Tsha Madzivhandila njengoba isinabaphathi abasha.

“Inhloso enkulu yekilabhu wukwenza kangcono kunangesizini edlule. Kasifuni ukubuyela emuva. Njengoba siqede sibambe indawo yesi-8 kwi- log ngesizini edlule, kulena sifuna ukuthola indawo engcono. Nokho sifuna ukuthuthu- ka sisonke njengekilabhu.

“Lo msebenzi kasiwubekile emahlombe abaqeqeshi nje kuphela, kodwa wonke umuntu oyingxenye ye-arrows kuwumthwalo wakhe ukubeka le kilabhu esicongweni,” kusho lesi sikhulu.

Siqhube ngokugcizelela ukuthi i-arrows isaqhubeka nosikompilo lwayo lokukholelwa kakhulu ekuvundululeni nasekuthuthukiseni abadlali abasafufusa.

Emdlalweni olandelayo weArrows izobhekana nebidvest Wits mhla zili-13 kumandulo (September) ebidvest Stadium. Lo mdlalo uthathwa njengowamagqubu njengoba izitshudeni kuyizona ezikhiphe Abafana Bes’thende kwimtn8.

Emdlalweni WEMTN8 kundize amakhadi abomvu njengoba kwiArrows etholwe ngabaqeqeshi bayo, uclinton Larsen nesekela lakhe umandla “Mhloli” Ncikazi nabadlali bayo ababili usiyabonga Dube nodanny Phiri osanda kulimala ejimini.

“Abaqeqeshi nodube bazobuya emdlalweni newits kodwa uphiri ngeke adlale ngoba ulimele,” kusho umasondo.

Kwiwits kuphume ngekhadi elibomvu ugavin Hunt nomdlali omusha wayo, uslavko Damjanovic nabo abazoshaya ibuya kulo mdlalo othathwa njengamagqubu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.