Uzoyibamba ishisa kwichiefs

Akalona ivaka Ukomphela uthi

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UKHOLWA wukuthi bukhona ubuhle asazobenzela ikaizer Chiefs usteve “Mphathi” Komphela ongumqeqeshi wale kilabhu ebhinjelwa yizinto ngaphansi kobuholi bakhe njengoba seyigijime amasizini amabili ingazinqobi izinkomishi.

Nakuba isimo sitsheke ngalolu hlobo kodwa ukomphela ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke agudluke esigqikini sakhe ngoba akalona igwala.

Uthi kunalokho uzokulwa kuze kube iyaxazululeka inkinga ebhekene nale kilabhu eguqiswe yisupersport United ngo-2-1 koweAbsa Premiership ngolwesithathu ebusuku EFNB Stadium, egoli.

“Abalandeli bechiefs ngibahlonipha ngendlela eyisimanga, bangabaqashi bami. Ngiyakuqonda ukuthi isimo esibhekene naso kabeneme ngaso, nami ngokunjalo kangeneme. Kangisiyena umuntu oyibalekelayo ingcindezi, ngalapho-ke ngeke ngibaleke.

“Uma ubheka ikilabhu yethu ikwenza konke inkinga nje yiphambi kwamapali. Kulo mdlalo weSupersport sikwenze konke yize bese sishoda, salidlala lonke ibhola siyicindezele isupersport sakha namathuba kodwa ibhola langafuna ukungena enethini.

“Njengoba sinekhefu nje ngeke ngilale ngizophuma umkhankaso wokuthungatha umgadli ongalibheki ipali.

"Ngeke ngikuthole ukuphumula ngingamtholile umgadli ozoxazulula le nkinga esibhekene nayo,” kusho ukomphela.

Ichiefs iqede umdlalo wesuperSport ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu u-eric Mathoho ngomzuzu wesi-7. Emuva kwalo mdlalo kusuke uthuthuva abalandeli bejikijela ukomphela, bemuchapha nangenhlamba. Bebelibeka ngesihloko elokuthi kabasamdingi, makahambe.

Bebethi ngoba izikhulu ziyasaba ukumxosha makavele azisulele yena esigqikini.

Kuthiwa abalandeli basonge ngokuthi uma ukomphela engahambi bazoyinyomfa emidlalweni yale kilabhu aze agcine ehambile.

Lo mqeqeshi njengoba kunekhefu lamaviki amabili nje, uthi uzozama ukuxazulula izinkinga abhekene nazo kule kilabhu kubalwa neyokugqoza kwamagoli, uthi eyokusula ngeke ayenze, akalona ivaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.