Luzoqalwa phansi ukhetho ekenya
Inkantolo ithi kube nomkhonyovu
SIPHENDUKE undabamlonyeni, sadonsa amehlo omhlaba jikelele isinqumo senkantolo ephakeme yasekenya sokuba luqalwe phansi ukhetho lokuqokwa kukaMengameli omusha.
Lesi sinqumo silandela isimangalo esifakwe ngumnu Raila Odinga osembangweni wesikhundla sokuba ngumengameli kuleliya lizwe, ohlulwe ngumnu Uhuru Kenyatta okhethweni lwangomhla ziyi-8 kuncwaba (August) nonyaka.
Umnu Odinga akayemukela- nga imiphumela yalolu khetho nakuba iphasiswe yikhomishana ebhekelele ukhetho kuleliya lizwe. Usole le khomishana ngokuthi ibolile.
Ngemuva kwesinqumo umengameli Kenyatta uthe uzosihlonipha isinqumo senkantolo nakuba ezwakalise ukungenami ngamajaji.
Ethula isinqumo sakhe uchief Justice David Maraga, uthe zibe ziningi izihibe nomkhonyovu kulolu khetho kangangoba kwephulwe imigomo yomthethosisekelo wezwe olawula ukhetho.
Umnu Kenyatta usongele amajaji waze wawabiza ngezigebengu wathi uma sekwedlule ukhetho uzowalandela aphenye ngokusebenza kwawo.
Umnu Kenyatta uyindodana yomholi owabusa leli lizwe lasekenya walifaka enkululekweni umnu Jomo Kenyatta ongasekho.
Ngesikhathi kwethulwa isinqumo umnu Odinga weqembu eliphikisayo uhleke kwavela elomhlathi, wezwakala ethi: "Siwinile futhi sisazowina.” Uphume enkantolo wadonsa abalandeli bakhe ngendlebe ukuba behlise imimoya waze wathi omakhelwane basazoba ngomakhelwane asikho isidingo sodlame, kudingeka ukuthula ezweni lonke kwakhiwe isizwe samakenya.
Umnu Odinga ugcizelele ukuthi ihlakazwe ikhomishana yokhetho ngoba ibole phuhlu, wathi kuzomele kulolu khetho oluzayo inkantolo enqume ukuba lwenziwe zingakapheli izinsuku ezingama-60 kube sekukhona amalunga amasha.
Kuxakile nokho ukuthi phezu kokuthi inkantolo ithole ukuthi kube nomkhonyovu kepha izingqapheli zokhetho ebezivela kwi-europian Union,united States of America (USA), nakwiAfrican Union zonke zithe ukhetho luhambe kahle kube namathizethize angatheni.
Obengamele ukhetho umnu Marietje Schaake uthe uyahambisana nesinqumo senkantolo kuzomele labo abatholakala benecala lokukhwabanisa ukhetho bajeziswe.izinqumo ezifana nalezi e-afrika azijwayelekile. Sikhuluma nje kuza ukhetho ezimbabwe umengameli wakhona umnu Gabriel Mugabe usasiqhoqhobele isikhundla kusukela ngonyaka we-1980 akusasukeki.