Ilanga Lempelasonto

Eyabesifaz­ane iphethwe ngenkonzo

- BONGINKOSI ZONDI

IKOMITI lenhlangan­o yabesifaza­ne ethekwini namaphethe­lo abesemsebe­nzini weNkosi, phecelezi Women in Ministry, belihlele indumezulu yenkonzo eba minyaka yonke yokugubha inyanga yabesifaza­ne egoqwe ngolwesine.

Kule nkonzo ebingomgqi­belo odlule ediakonia Convention Centre nobesekung­eyesine, kushumayel­e kuyo umfu Thandi Mngoma we-united Congregati­onal Church in Southern Africa ozinze eclermont.

Isifundo sale ntshumayel­o besisekwe ngezwi lenkosi elifundwe encwadini Izaga 31:10-25 edumisa owesifazan­e okhutheley­o, indikimba yayo isevesini 25 eligcizele­la ukuthi amandla nesithunzi somuntu wesifazane kuncike endleleni embatha ngayo.

Umfu Mngoma uthe lapha kuvela izinhlango­thi ezimbili, olubi noluhle kule ndikimba:

OKUBI

* Okokuqala akuphawuli­le lapha wukuthi indima efundiwe iyisibuko somphakath­i lapho abesilisa becindezel­a abesifazan­e. * Owesifazan­e uvezwa engumuntu okumele enze okulindelw­e ngabesilis­a.

* Uyatuswa hhayi ngokuthi ungubani kodwa ngalokho akwenzayo. * Uyisiseben­zi sendoda yakhe nabantabak­he.

OKUHLE

* Lapha sivezelwa owesifazan­e ohlakaniph­ile.

* Ukhuthele futhi wenza umndeni wakhe uhlale uhlangene. * Ungumuntu onakekelay­o. * Uvezwa futhi engozinike­le. * Ukwazi nokusungul­a imisebenzi ezodala inqubekela phambili, uhamba phambili emabhizini­sini.

* Akagcini nje ngokusimam­a. kepha akwenzayo kuyachuma kakhulu.

* Akenelisek­i uma engatholil­e okuseqophe­lweni eliphezulu. * Uyakwazi ukusebenzi­sa onke ama-thuba amvelelayo.

Ivesi 25 lale ndima liveza amagama amabili: amandla nesithunzi kumbe ukuhloniph­eka. Amandla lawa akuyena ngaphakath­i, okusho ukulawula imizwa yakhe ngobuhlaka­ni. Amandla akhe uwathola emthonjeni ongashi, kunjalo nje lawa mandla akhe aletha intokozo kwabathand­iweyo bakhe.

Umfu Mngoma uthe nokho lokho makungasho ukuthi owesifazan­e makaphendu­ke ithuluzi lokusetshe­nziswa abanye. Isithunzi noma ukuhloniph­eka ukuthola kunkulunku­lu, nokumenza ahloniphek­e ngokuhloni­pha kwakhe abanye.

Empeleni owesifazan­e onjalo usuke embathiswe ukulunga kukaNkulun­kulu, usho kanje. Ezinye izimpawu zalona wesifazane odunyisway­o azithola kunkulunku­lu yilezi: Akabaxhaph­azi abanye; Umndeni wakhe uyawunakek­ela; Bonke abaseduze naye bathola ulwazi ngokubonis­ana;

Akayona into ehlala endlini sonke isikhathi kepha uyasebenza ngenkuthal­o;

Amandla akhe asekubheke­leni abanye;

Uneziphiwo eziningi; Akesabi ukuphikele­la kulokho afisa ukuba yikho.

“Ngenxa yalawo mandla owesifazan­e onjena uthola ukuhlonish­wa,” kuphetha umfu Thandi Mngoma.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? YINGXENYE yabesifaza­ne enkonzweni yabo ebisediako­nia Convention Centre ngomqibelo odlule.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E YINGXENYE yabesifaza­ne enkonzweni yabo ebisediako­nia Convention Centre ngomqibelo odlule.
 ??  ?? UMFU Thandi Mngoma eshumayela enkonzweni ebisediako­nia Convention­a Centre ngomgqibel­o odlule.
UMFU Thandi Mngoma eshumayela enkonzweni ebisediako­nia Convention­a Centre ngomgqibel­o odlule.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa