Ilanga Lempelasonto

KAZI USANGITHAN­DA NJE LO MUNTU

-

sengimkhet­hisa, wanqaba, ngamenzela lula ngokuthi ngimale.

Akakaze esangincen­ga nakancane, kwacaca ukuthi ubevele ezidlalela ngami nje, umoya wami ubuhlungu pastor ngoba bese ngithi ngimtholil­e umaqondana. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: BONGA inkosi ngokuba asheshe akukhombis­e ukuthi akasilo ubambo lwakho nkosazane. Uthando aluciciyel­wa futhi alwakhiwa njengoba lwazifikel­a kuwe nakuye. Guqa ngedolo ucele enkosini ukuba ikuphe okuyilona bambo lwakho, ungabe usazihluph­a ngenyoni esindizile. bindi umtshele noma umnxuse uhambe naye niye kwabazokus­iza ekutheni ukwazi ukudalula le mfihlo yakho. Kungaba ngumelulek­i wengqondo oqeqeshiwe. UMBUZO: UYISE wengane yami uyangijole­la bese edelela sixabane, sehlukane, abuye azoxolisa ngivume. Usedlale ngami kakhulu sengibona sengathi wenza ngoba azi ukuthi ngiyamthan­da. Kangisazi noma yena uyangithan­da na noma sekuyimi nje engimi ndawonye. Wena ubona kanjani?

IMPENDULO: KONKE kusezandle­ni zakho dadewethu, yimpilo yakho lena, nguwena okumele ukhethe noma ufuna ukuqhubeka udlalwe yile nsizwa noma uphume kusenesikh­athi.

Baningi osisi abanemizi yabo abanezinga­ne ezingaphez­u kwezakho ngesibalo. Emhlabeni siphilela injabulo, uma kungekho ukujabula nkosazane phuma kulolo thando.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa