Ilanga Lempelasonto

UMYENI AKAFUNI NOKUKHANDA USINKI EKHAYA

-

UMBUZO: UMYENI usebenzela kude nasekhaya, nginezinso­lo zokuthi kukhona athandana naye eceleni ngoba unomkhuba wokuvele athule nje izinsuku engangithi­nti ngocingo.

Ngisho ebuyile, ekhona-ke ekhaya akasafuni ukwelekele­la ngemiseben­zi yasemzini wethu. Ngike ngathenga usinki wamanzi ngase ngimcela ukuba angisize siwufake, wavele walimisa ngesihloko elokuthi akafuni. Cha, kangisazi ukuthi muzi muni lona engiwakhay­o la.

IMPENDULO: SIYAKUZWA dadewethu futhi sizwelana nawe kepha ngibona ukuthi ngaphambi kokuba uchithe amanzi ake umqonde ngqo umbuze uzwe kuye ukuthi yini inkinga yakhe ngoba uzothola ukuthi inkinga oyikhomba kude iseduze futhi ingalungis­eka. Kuyingozi ukuqagela nokuhlawum­bisela nokusola, mqonde.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa