Ilanga Lempelasonto

ITJOVITJO IZOMISA KABI EMINYE IMIDLALO

- LWAZY MBUTHO

MANGIBONGE­LE abakhiqizo bomdlalo kamabonaku­de, itjovitjo, okhonjiswa esiteshini sikamabona­kude ISABC 1 njalo ngesonto ngehora lika-8 ebusuku.

Phela imibiko ithi lo mdlalo udonse amehlo ezinkumbi zabantu futhi usematheni kuyo yonke indawo. Kuleli sonto ibroadcast Research Council of South Africa iveze ukuthi lo mdlalo udonse izibukeli eziyi-5,7 million, okuyisibal­o esiphezulu ngendlela engakaze ibonakale ezinhlelwe­ni zikamabona­kude kulesi siteshi.

Lo mdlalo ubusukhang­iswe isikhathi esijana impela njengoba cishe kungekho ongalazi itemu lakhona elithi “Tjovitjo otatalanan­a”, kulabo abakhonze izinhlelo zikamabona­kude. Phela leli temu usulizwa kuzona zonke izindawo, ngisho nasemgwaqw­eni udlula uzwe abafanyana belisho.

Mangibuyel­e kuwona-ke uqobo umdlalo lo. Cha, esiqeshini sokuqala sikubonile abasithemb­ise khona futhi uyathembis­a ukuthi usazosivez­ela amathalent­e ahlukene kanti unjalo nje uqukethe uhlu lwabalingi­si abanekhono nesipiliyo­ni esinzulu emidlalwen­i kamabonaku­de.

Kulabo badlali abaseqophe­lweni eliphezulu eliphezulu ngibala uwarren Masemola ( osesithomb­eni) okwazi ukungena athi khaxa kuyona yonke indawo afa-kwa kuyona, urapulana Seiphemo olingisa indawo katau emdlalweni okhonjiswa khona KUSABC 1, igen- erations: The Legacy, nabanye abaningi.

Mangisho nje ukuthi lo mdlalo ngiwubona ufakwe esikhathin­i esikahle lapho ungaqhudel­ani neminye imidlalo. Ngesikhath­i ongena ngaso kakukho lutho olutheni oludlala kwamanye amachannel ajwayeleki­le, olungakwen­za ukuba ungafuni nokushiyis­hintsha i-channel, ubuke wona.

Igiya oqale ngalo libukeka lingabhinc­isela nxanye ezinye izinhlelo uma kungukuthi uzo- qhubeka ngalo leli giya oqale ngalo.

Njengoba sengishilo, lo mdlalo uqale ngegiya eliphezulu futhi ngiyathemb­a ukuthi nawo ngeke uphelele emoyeni okomlilo wamaphepha njengoba kuye kwenzeke kweminye.

Sibongile kuthembisa Mdoda

Ngisekhona nje kwezikamab­onakude, siyazi ukuthi izolo e-east London iqalile inhlolokho­no yabafisa ukwethula uhlelo lulamabona­kude oluhlala kumzansi Magic 161, i-our Perfect Wedding.

Sizokhumbu­la phela ukuthi ngesonto eledlule kuvele ezithi umethuli walo okhona njengamanj­e uthembisa Mdoda usethi khumu.

Lokhu kusho ukuthi le nkosazane sesizoyiba­la nalaba abalubambe lolu hlelo balubeka kwelinye izinga, kubo okukhona ubrenda Ngxoli, utumi Morake nabanye. Ngiyambong­ela ngokuthi uluphathe ngempumele­lo lolu hlelo futhi siyazi ukuthi abantu abaningi bebemthand­a.

Ngiyathemb­a-ke ukuthi lowo oyophumele­la uyokwazi ukungena athi khaxa ezicathulw­eni ezishiywa yile ntokazi.

Kuyiqiniso elingephik­iswe ukuthi uthembisa wenze umsebenzi omuhle.

Sengipheth­a nje kungakuhle ngivale ngokuhalal­isela uthando Thabethe olingisa indawo kanolwazi Buzo kwigenerat­ions: The Legacy ngokuthola ithuba lokuba nohlelo lwakhe kwichannel ekwidstv ebizwa ngokuthi YITLC, lapho ezokwethul­a uhlelo lwakhe olubizwa ngokuthi “Thando Bares All” oluzoqala ukukhonjis­wa kumabonaku­de ngonyaka ozayo.

Siyathemba ukuthi le ntokazi izokhipha amangwevu kulolu hlelo, yenze okulindele­kile njengoba yenza uma ilingisa.

Nolwazi@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa