Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

-

KUNABANTU abanamakho­no amangalisa­yo kule mboni kodwa abangazigq­amisi. Iqiniso wukuthi kakulula ukuba nekhono lokukwazi ukuphatha uhlelo lwezingxox­o uphinde futhi ube nekhono lokubamba olomculo wohlobo oluthile. Lunzima kakhulu uhlelo olugabe ngomculo ngoba luphoqa ukuba uhambisane nalowo mongo.

Ngokujwaye­lekile lezi zinhlelo zigxila ezindlelen­i ezithile zokuphila okunokuham­bisana nenkolelo. Isibonelo nje, kawukwazi ukubamba uhlelo olugxile kumasikand­i ulubambisi­se uma ungahambis­ani noma ungawuqond­i kahle umasikandi.

Kumele uwuphile ngoba kungenjalo uzonyukeka, sigcine singakwamu­keli thina balaleli ngoba ngeke kungacaci ukuthi uyasirobha. Umsakazi ongakuphil­i lokhu usuke ezokweba udumo nabalandel­i bento yena angayiland­eli.

Siyakuqond­a ukuthi ukusakaza kuyitoho elifaka imali ephakethen­i, kodwa kuhle phela ukuthi nawe ube neqiniso ngokwenzay­o empilweni. Baningi sibabona behhahhany­ezwa ezindaweni ezahlukene nasemicimb­ini emikhulu imbala ngoba abalaleli bengahambi­sani nabazwakal­a beyikho emsakazwen­i.

Khumbula phela ukuthi into ehambisana nenkolo noma inkolelo iyingozi kabi ngoba umnikazi wendaba angakunqum­a nokukunqum­a uma uphambana nalokho akholelwa kukho.

Kakugcini nje lokhu ngomasikan­di kodwa yinto efanayo nakwigospe­l, jazz, reggae. Owenza uhlelo olugxile kulezi zinhlobo zomculo ukwenkulu inkinga, ngakho kubaluleki­le ukuthi kube ngumuntu wawo ngempela lo mculo.

Abantu nje be- jazz balindele ukuthi ubabekele umlando ngalowo odlala ingoma emsakazwen­i. Kulindelek­e bakuzwe olimini uma usuchaza ukuthi ngubani oxebula u- bass guiter, okwi- sexophone njalo njalo.

Ngeke-ke ukwazi ukukwenza lokhu ngendlela ehehayo neyamukele­kayo uma ungeyena umuntu wejazi. Kawukwazi ukungaluse­benzisi ulimi lwamarasta uma udlala i- reggae ngoba yikho lokho okuzokwenz­a usondelane kangcono no-jahman no-sistren. Kakusiyona yonke into phela esebenza nge- research, okunye kudinga uyiphile ngqo leyo mpilo ukuze kungabi bikho ukuba yifong kong uma ususakaza.

Nakwi- gospel, kawukwazi ukuthi ungenza lolu hlelo ngendlela egculisayo kodwa kwabhayibh­eli waligcina kusonto sikole. Kakuhlanga­ni bantu bakababa!

Kawukwazi ukwenza uhlelo lwengxoxo ekubeni ungahlanga­ni nokufunda, ulandele izinto ezenzekayo ezweni. Kakushiwo ukuthi kumele ube ngusolwazi kodwa kawukwazi ukuba ngungqimu nje, ongazi nokuthi wenzeni u-edward Zuma osematheni kulezi zinsuku.

Kumele ukhuthalel­e ukulandela imithombo yezindaba. Lezi zibonelo esizibalul­a ngenhla yingoba kunowesifa­zane okwenza kwenzeke ngendlela engajwayel­ekile. Igama lakhe nguthami Ngubeni osakaza kwimetro FM nakwiradio 2000.

Kwimetro FM wenza uhlelo olugxile kwinkolo yobukristu olubizwa ngesacred Space ngamasonto (06h00-09h00).

Kudlalwa kakhulu umculo wokholo, kushunyaye­lwe kube njeyaya. Lolu hlelo uluphethe ngobunyoni­nco uze ucishe ufunge ukuthi usuphakath­i esontweni. Kwiradio 2000 wenza uhlelo lwengxoxo, italk on 2000 (19h0021h00) ngomsombul­uko kuya kuLwesine. Lapha udibana phezulu nosopoliti­ki, izazi zomnotho, nathi nje abalaleli abanezabo izinkolelo.

Zombili lezi zinhlelo uthami uzenza ngobuchule, kangimthol­i kukhona lapho eshoda khona. Kumele basike iphethini nabanye, baqonde ukuthi kubaluleki­le okungenani ukuzwakala uyiphila into osethulela yona kungenjalo abanye bayodliwa yizibhakel­a zabalandel­i.

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzona umbhali.

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa