INKANTOLO IGODLE ISINQUMO NGESIMANGALO SE-EFF

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA

INKANTOLO yomthethosisekelo eningizimu Afrika isigodlile isinqumo sayo ngesimangalo seqembu lezepolitiki eliphikisayo, i-economic Freedom Fighters (EFF), sokuba kuphoqwe usomlomo wephalamende, unkz Baleka Mbethe, ukuba ajezise umengameli wezwe, umnu Jacob Zuma, ngokuthi akazilandelanga izinqumo zale nkantolo ngodaba lwesithabathaba somuzi wakhe osenkandla.

Kwenzeka lokhu nje amaqembu aphikisayo asezame aze ahlanza udende engaphumeleli ukumgudluza esikhundleni sakhe umnu Zuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.