KUSHONE UMBHISHOBHI WASECHIBINI

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZAKHELE MCHUNU

IGQEMEKE engeqiwa ntwala ireformed St John’s Apostolic Faith Mission kushona ngokukhulu ukuzuma umholi wayo, u-archbishop Amon Zuma (79).

Izindaba zokudlula emhlabeni kuka-archbishop Zuma zishiye ababhishobhi, abefundisi namalungu aleli bandla elidume ngelasechibini eshayana ngamakhanda kwazise kuthiwa ukhale ngobuhlungu besifuba, waphuthunyiswa esibhedlela iking George lapho kufike kwamenela khona ukufa ngolwesine emini.

Umbhishobhi Robert Mbotho, ongunobhala-jikelele waleli bandla elinekomkhulu Kwamashu esigcemeni sakwad, uthe bafe olwembiza ngalo mholi ongene kulesi sihlalo ngonhlolanja (February) wezi-2015, ethatha indawo ku-archbishop Isaac Ngcobo owathatha umhlalaphansi ngenxa yokukhula.

Umbhishobhi Mbotho uthe namuhla ngesonto kuzokuba nomhlangano ophuthumayo wobuholi bebandla nomndeni, omayelana nokuphothula amalungiselelo okufihla u-archbishop Zuma.

Nokho ukugcizelele ukuthi inkonzo yokumphelezela izokuba ngomgqibelo ngo-9 ekuseni Kwamashu bese eyobekwa emathuneni asazomenyezelwa.

Ukushona kuka-archbishop Zuma kwenze u-archbishop Ngcobo wasala yedwa kubabhishobhi abashiywe emhlabeni ngumsunguli waleli bandla, udr CGP Madwe, ngesikhathi edlula emhlabeni ngowe-1988.

Ushiye emhlabeni ulady Archbishop Elizabeth Zuma nabantwana.

zakhelem@ilanganews.co.za

ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA

ZISHAQISILE izindaba zokushona isigubhukane kuka-archbishop Amon Zuma (ofake izibuko) webandla lasechibini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.