BASALE DENGWANE KUSHA IMIJONDOLO KWAMASHU

Ilanga langeSonto - - Izindaba - NTOMBI KHUMALO

ISALE dengwane imindeni engaphezu kwama-50 ethembalihle, ehostela laKwamashu, enyakatho yetheku emuva kokuba imijondolo yayo ishe yangqongqa wumlilo ngolwesihlanu ebusuku.

Lo mlilo akukaziwa okwamanje ukuthi uqalwe yini kodwa abashelwe izimpahla bathe uqale komunye wemijondolo kwathungeleka neminye ngenxa yomoya obuvunguza ngamandla kule ndawo.

Omunye wabashelwe unkz Sikhulile Buthelezi (31) uthe yena akwaze ukuphuma nakho emjondolo wakhe obusha ubuhanguhangu umazisi wakhe kanye nefoni.

Uthe nanxa engekho olimele kulesi sigameko kodwa bashayeke kakhulu ngoba kuzofanele baqale phansi bevusa imijondolo yabo.

Ikhansela lendawo unkk Lindiwe Ncayiyana uthe uhambile wayobheka emuva kokuba ebikelwe ngesigameko.

"Wona ube mkhulu umonakalo ngoba eminingi yale mijondolo yakhiwe ngamapulangwe futhi isondelene kakhulu no- kwenze kube lula ukuba omunye uthungele omunye ngomlilo," kusho unkk Ncayiyana.

Unezele ngokuthi sebeyithathile yonke imininingwane yalabo abashelwe kanti bazothola usizo lwezingubo zokulala, izipontshi kanjalo namatende abazokusebenzisa okwesikhashana.

Okhulumela amaphoyisa KwazuluNatal ult-col Thulani Zwane usiqinisekisile isigameko sokusha kwemijondolo ehostela lakwamashu wathi abekho okubikwe ukuthi balimele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.