AKAZINGENI IZINDABA ZOTHANDO

Ilanga langeSonto - - Izindaba - SANDILE MAKHOBA

UPHOKOPHELELE impumelelo uphilani Mulwane owaziwa ngodj Sonic emsakazweni igagasi 99.5 FM.

Lo msakazi udalule lokhu ngesikhathi enenkulumo ekhethekile nelanga Langesonto. Uthi abazali bakhe bamfaka ingcindezi yokuba athole umntwana, kodwa yena uthi akakasiboni isidingo ngoba akakakuzuzi afisa ukukuzuza empilweni.

UDJ Sonic ukhuluma kanjena nje, unengoma esikhala emisakazweni eyahlukene esihloko sithi “Amantombazane.” Le ngoma ukholelwa ekutheni iyona ezomvulela iminyango eminingi. “Ingoma yami yesithathu manje lena, kodwa kulezi ezinye bengisazama ukuzifuna ukuthi yimuphi umculo ozongibeka ebalazweni,” kuchaza usonic ozifikele mathupha emahhovisi aleli phephandaba.

Uthi okumchaza ngale ngoma ikhala ezindaweni eziningi ngisho nodj bayamhlupha beyicela ukuze bayidlalele abalandeli babo. Kuyona usebenze noBhar, idicent Friends nosoulem. Isigqi sale ngoma siyi- kwaito. Akanayo inkampani aqopha ngaphansi kwayo, konke uzenzela yena ngaphansi kwenkampani yakhe, ipedimic Work.

Uthi weneme ngomsebenzi wokuba ngumsakazi njengoba enezinhlelo ezimbili emsakazweni igagasi 99.5 FM. Olunye luphakathi nezinsuku lubizwa nge First Impression, olunye ludlala ngomgqibelo ivibe Lezinto. Usonic usazihlalela kubo entuzuma nabazali bakhe bobabili. Umaqondana akakabi naye futhi akakamdingi njengoba esola ukuthi uzomphazamisa empokophelweni anayo ngempumelelo.

Uthi isifiso sakhe esikhulu wukusakaza esiteshini somsakazo esikhulu noma ngabe yisiphi. Akanayo inkinga nenselelo yolimi lokusakaza. “Noma ngijabulile lapho engisebenza khona kodwa ngingakuthokozela ukuthola umsebenzi eziteshini ezifana no-5 FM, imetro FM, ukhozi FM njalo njalo” kusho UDJ Sonic.

ISITHOMBE NGABE : GAGASI

UDJ Sonic okhiphe ingoma anethemba lokuthi izombeka ebalazweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.