KNOWLEDGE SIMELANE

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

UMCULI : MALUSI MBOKAZI (LIVE AT ZAYABA STUDIOS) ISIHLOKO : HLALA NAMI UHLOBO LOMCULO : GOSPEL UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 7/10

LENA yi-albhamu yendumiso ayikhiphile umalusi Mbokazi, isahamba ngesitayela sakhe esaziwayo.yinye kuphela ingoma esheshayo kuzozonke uyadumisa acikoze akhale ankenteze ngephimbo lakhe elinamandla.

Ziyi-14 sezizonke zilandelana kanje : Hlala nami, Bayede, Ungujehova, Ngelinye ilanga, Lesi simo, Siyacela, Nkosi bheka ibandla lakho, Medley, Ngiyabonga, Namhla bayafa, Ngosuku lwenhlupheko, Ebukhoneni bakho, Yek’ umusa ongaka, nethi Ngisize Nkosi. Iyatholakala ezitolo isabalaliswe ngabakwa-revolver Records. Utholakala kwethi 072 392 7712.

UMCULI : MALAHLE ISIHLOKO : IMIKHUBA YASEYADINI UHLOBO LOMCULO : MASKANDI WALEMIHLA UNYAKA : 2017 AMAPHUZU : 6/10

LIMNANDI iphimbo likamalahle unephimbo elithi malifane neleqembu Amaphisi. Uyathokozisa umsebenzi wakhe ngeke bazisole abazothenga le-albhamu, uyiciko elikwazi ukuqoqa iphimbo kamnandi, nezinsimbi ziyamvumela.

Ziyi-16 izingoma zilandelana kanje : Akuthintwa lapha, Isililo, Iyashisa, I miss call, Iqili, Ibhokisi, Amabhinca, shiya lento, Imikhuba yaseyadini, Ixoxwa ngezithombe, Makoti, Uzodabula amafu, Amazwi, Ngiyofela endlini, Khuluma sizwe, neremix yebhokisi. 071 115 5339 nombolo yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.