Idowns isengozini enkulu kweyecaf

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UPITSO “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi wemamelodi Sundowns umanqika ngokuthi ezakhe zizosivikela isicoco secaf Champions League.

Idowns izoshukana newydad Casablanca yasemorocco emlenzeni wokuqala we- quarter-final yecaf Champions League namuhla ngesonto ngo-15h00 elucas Moripe Stadium, e-atteridgeville. Idowns iya kulo mdlalo nje, kubanjwe umoya njengoba irekhodi layo lasekhaya kule midlalo yecaf lingelihle. Ivamise ukuhlulwa nxa isekhaya. Yenza kahle uma ihambile.

Umosimane uthi kuzokuba nzima ukuvikela isicoco sabo.

“Uma ubheka akekho umuntu ongayazi isundowns manje ngenxa yokwenza kahle kwayo kule midlalo yase-afrika.

Ngendlela okuyiyona wonke umuntu ufuna ukusihlula. Sisengozini yokungasivikeli isicoco sethu ngenxa yokuthi wonke amakilabhu asesele siyizitha kuwona, kayikho ezovuma ukuthi sivikele isicoco sethu. Kodwa-ke besikulindele lokho kuzofanele silwe ngoba kakudlalwa kulo mqhudelwano kunzima,” kusho umosimane.

Uqhuba ngokuthi bafuna ukuguqula izinto kulo mdlalo.

“Sesidumile ngokuthi kasenzi kahle uma sidlalela ekhaya ngakho-ke sifuna ukulijika leli rekhodi ngokuthi siwunqobe lo mdlalo, sikhombise ukuthi nasekhaya siyakwazi ukuhlula izimbangi. Engikucelayo nje kubathandi bebhola bakuleli wukuthi baphume ngobuningi babo ukuzoseseka ngoba siyaludinga usizo lwabo,” kusho umosimane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.