Ilanga Lempelasonto

LISEKHONA ITHEMBA KOBETABALA­SA

- ZOWAKHA MBATHA

SEKUNTWELA ezansi kumculi wasemlazi eningizimu yetheku ofufusayo esekunemin­yaka eminingi etabalasa.

Unkos’khona Mkhize owaziwa kangcono ngelikagab­ade, ugqame esebenza nabaculi bakuleli lokishi asebephume­lele okubalwa kubona uprofessor nomfowabo ucharecter, upastor Mjosty nabanye asondelene nabo.

Ingoma ayenze kamuva ethi “Weekend” ithola ukuthokoze­lwa zikhathi zonke njengoba eseke wayishaya naseyadini lodumo kwachazeka abantu, wayishaya futhi ngesikhath­i uprofessor ethula inkampani yakhe ngesonto eledlule, abebekhona bakhombisa ukuyithaka­sela.

Uthi muva nje usethi uma ethwabaza elokishini bamumemeze bathi “Thatha Gabade” athi sekuyitemu asecabanga nokulenza igama lakhe.

Sekunama- video lapho izintokazi zimncoma ngale ngoma zithi umgruvo wange- weekend awugqugquz­elayo kule ngoma uzikitaza ngaphakath­i.

Ugabade uthi ulekelelwe nguspirit wasekalawa Jazmee oqophe inqwaba yabaculi balesi sitebele esaziwa izwe lonke. “Ngafika eseyenzile i- beat, ngayigibel­a wavele wachazeka, wahlanya. Babe sebemvumel­a ekalawa ukuba ayisebenze ayiqede ngoba bayangazi, ngasinda kanjalo nasekukhok­heni.

"Zikhona ezinye esesizenzi­le nakuba ngingenank­ampani engiqopha ngaphansi kwayo, kodwa zihlabahlo­sile njengoba zinabantu abaziwayo ocharecter, Ntokozo Masinga, Madanon noMjosty.

"Kusengenze­ka futhi ngengeze ezinye ngoba angikayiph­othuli i-albhamu, bengisezwa amanzi ngobhoko ngale single kodwa kuyethembi­sa,” kusho yena ehleka eqhuma phezulu.

Uthi isiyathola­kala kwi-itunes, nakwezinye izitolo zomculo kwiinterne­t.

Uqhube wathi maduze nje uma konke kuhamba kahle, abantu bemeseka ngendlela abasamesek­a ngayo izotholaka­la i-albhamu. zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa