Ilanga Lempelasonto

Kusobala ukuthi I-ANC kayizwani namaqiniso

-

KUNOMKHUBA omubi osujwayele­kile ikakhuluka­zi kosopoliti­ki wokuba uma umuntu ekhuluma into abangafuni ukuyizwa, kungakhath­alekile noma iyiqiniso, bese beqala bembeka amabala, bamninde ngodaka, bamhlambal­aze, bamusho ngezinhlam­ba.

Kuye kubonakale sengathi bazama ngayo yonke indlela ukwehlisa isithunzi salowo obagxekayo noma oveza into ebathunuka­yo.

Siyazibuza ukuthi ngabe ngempela kudalwa yini ukuba uma umuntu eveza imibono yakhe noma ephumela obala ngemizwa yakhe ngenhlanga­no noma ngokuthile bese enaphazwa ngawo wonke udoti.

Kuyimanje nje kuningi osekushiwo ngodkt Makhosi Khoza, obeyilunga le-african National Congress (ANC), omemezele kuleli sonto ukuthi usesulile enhlanganw­eni ngokungabo­ni ngaso linye phakathi kwakhe nenhlangan­o.

Kuyaziwa ukuthi indaba yokungqubu­zana phakathi kwe-anc nodkt Khoza isinesikha­thi iqhubeka kanti kuningi kakhulu okungekuhl­e amanye amalunga E-ANC asekushilo ngaye, okunye kwakho okuvele kumangalis­e nje, kungakhola­kali. Siyazi ukuthi okumbangel­e amazinyo abushelele­zi nokuba nyamanamba­na wukuvulele­ka, agxeke esidlangal­eni ukungahamb­i kahle kwezinto kwi-anc kanjalo nokuphumel­a obala ngokweseka isiphakami­so esesike savela kaningi sokuba umengameli Zuma ehle esikhundle­ni ngenxa yokuthi kuthiwa wehlulekil­e wukuhola ngobuqotho.

Ekuphumele­ni kwakhe obala udkt Khoza uthole ukugxekwa okukhulu, baqala abanye bambeka amabala.

Phakathi kwezinto abazisho ngaye wukuthi uthengiwe, usetshenzi­swa ngabantu abathile abafuna ukuhlakaza I-ANC kanti abanye bathi wenza kanjena nje yingoba useyojoyin­a iqembu eliphikisa­yo, idemocrati­c Alliance (DA).

Ngaphandle kwalezi zinsolo-ke kuningi nje okunye abakushoyo ngaye okwakha isithombe esibi emphakathi­ni futhi okwenza omunye umuntu ambuke njengomunt­u ongathembe­kile futhi oyiphixiph­ixi.

Kuyahlekis­a-ke lokhu ngoba ngaso sonke isikhathi uma abantu bethunukal­a kubonakala sengathi bavele basho noma yini abayithand­ayo efika emiqondwen­i yabo, ezodicilel­a phansi isithunzi somunye.

Wenzekile lo mkhuba izikhathi eziningi naku-adv Thuli Madonsela obengumvik­eli womphakath­i. Bekuvamisi­le ukuba achashwe ngezinhla-mba, ahlambalaz­we abizwe ngamaganya­na ayiziswane uma nje eke waveza okungehli kahle kwabanye - mhlawumbe umbiko wophenyo okhomba inkohlakal­o enuka phu kwabanye osopolitik­i. Abanye osopolitik­i bebeze basho ukuthi uyimpimpi, abanye bethi usebenzela I-DA, ulwa NE-ANC.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngowezi-2014 umnu Kebby Maphatsoe, ongusihlal­o woMkhonto wesizwe Military Veterans’ Associatio­n (MKMVA), ubize u-adv Madonsela ngempimpi yecentral Intelligen­ce Agency (CIA).

Akukhona lokho kuphela okushiwo ngaye u-adv Madonsela kodwa kuningi nokunye. Baningi esingababa­la okuthi uma begxeka bese beba nyamanamba­ma, bebhixwe ngayo yonke inhlobo kapende.

Kuningi kakhulu amanye amalunga E-ANC akushilo ngaye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa