Ilanga Lempelasonto

OWASE-GABON UPHIKA EYOKUFUNA UKUSHIYA I-DORTMUND

-

UPHIKA ulala ngomhlane upierre-emerick Aubameyang wasegabon ogijima kwiborussi­a Dortmund yasegerman­y ukuthi ubefuna ukushiya le kilabhu abhekise amabombo kwichinese Super League.

Lo mdlali ubeyamanis­wa namakilabh­u amaningi ngesikhath­i kuvulwe iwindi lokuthengw­a kwabadlali muva nje. Kunamakila­bhu asechina okuthiwa abemthembi­sa itshe lemali kwazise inkece ikhiwa ngamafosho­lo kwiligi yakuleliya lizwe elinomnoth­o ozinzile. Lo mdlali ubephinde amataniswe namakilabh­u amakhulu ase- Europe okubalwa kuwona i-arsenal yase-england, iparis SaintGerma­in ((PSG) yasefrance ne-ac Milan yase-italy.

“Kangikaze ngizixake ngokuyodla­la echina. Ngisafuna ukudlala lapha e-europe mina futhi ngiseneme ngokudlale­la idortmund. Amakilabhu asechina akhombise ubuhlathi njengoba bengizwa emoyeni ukuthi ayangifuna.

Ikilabhu yami kayikaze ithole lutho olubhalwe phansi oluvela kuwona. Ngicabanga ukuthi abezigabis­ela nje ngemali,” kusho lo mdlali obalwa nabahamba phambili ngokuhlohl­a amagoli ege- rmany selokhu kuqale isizini njengoba eyivakashe­la ephindelel­a inethi.

Munye kuphela umdlalo weEnglish Premiershi­p ozogijinyw­a amuhla ngesonto lapho ibrighton & Hove Albion izoshukana nenewcastl­e United ngo-17h00, kuthi kusasa ngomsombul­uko i-arsenal idudulane newest Bromwich Albion ngo-21h00. Le midlalo izoboniswa bukhoma kwiss3. Imidlalo yespanish La Liga ehlelelwe ukugijinyw­a namuhla ngesonto imi kanje:- Espanyol vs Deportivo La Coruna 12h00 (SS7). Getafe vs Villarreal 16h15 (SS7). Las Palmas vs Leganes 18h30 (SS8). Eibar vs Celta de Vigo 18h30 (SS7). Real Sociedad vs Valencia 20h45 (SS7). KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Real Betis vs Levante 21h00 (SS7).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa