UMBHALI UPHIKA UKUSABALALISA INCWADI NGAMANYALA KAZUMA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO NENEWS24

UMBHALI wencwadi esuse okukhulu ukukhuluma esihloko sithi 'The President’s Keepers', eveza amanye amanyala ngoMengameli wezwe umnu Jacob Zuma useziqhelelanisile nezinsolo zokuthi nguye oseyisabalalise ezinkundleni zokuxhumana.

Ukusabalala kwale ncwadi ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuba istate Security Agency (SSA) iphoqe ukuba le ncwadi imiswe ukudayiswa ezitolo.

I-SSA ithumelele incwadi umnu Pauwn owabe eyintatheli ephenyayo, nabashicileli bale ncwadi yakhe INB Publishers, ibatshela ukuthi okuvele kule ncwadi kuphambene nomthetho i-intelligence Service Act.

Umnu Pauwn uthe akuyena nhlobo osabalalise le ncwadi, wathi ngeke akwenze lokho ngoba ukholwa wukuthi ngeke ivalwe le ncwadi.

Utshele abenews24 ukuthi akaboni ukuthi ISSA izophumelela esicelweni sayo sasenkantolo sokuba imiswe le ncwadi wathi ngalokho akanasizathu sokuba ayisabalalise ezinkundleni zokuxhumana. Ikhophi yale ncwadi isabalale izolo kuwhatsapp, abantu bethumelelana ngayo njengoba nezintatheli ZELANGA zinayo.

Ngolwesihlanu abenb Publishers bakuqinisekisile ukuthi bayitholile incwadi YESSA ebibaphoqa ukuthi bayikhiphe le ncwadi ezitolo, futhi basuse izingxenye ezithile zokubhalwe kule ncwadi.

I-SSA isabise ngokuya enkantolo iyofuna isivimbelo senkantolo sokuba INB Publishers ingaqhubeki nokusabalalisa, wukugaya nokushicilela le ncwadi uma benqaba ukuyikhipha ezitolo.

Umnu Pauwn uphinde waphika ukuthi ngabashicileli abayisakaze ezinkundleni zokuxhumana.

Uthe le ncwadi okunqakiswana ngayo ezinkundleni zokuxhumana isukela kuleyo edayisa kwi- internet ( e-book version).

Uthi kuyacaca ukuthi kukhona oyithengile kwi- internet, wase eyishintsha eyenza I-PDF, wayisabalalisa.

Khona manjalo abenb Publishers bazise umphakathi ukuthi incwadi ayimisiwe, bathi bayaqhubeka nokuyigaya ukuze babhekane nomthamo ophezulu wabantu abayidingayo.

Phakathi kwamanye amanyala avela kule ncwadi kukhona athi kunezizumbulu zemali ebitholwa ngumengameli Zuma kwinjinga yasethekwini njalo ngenyanga, angazange ayibike kubaqoqi bentela isouth African Reserve Bank (SARS).

Umengameli Zuma uphike wama ngentaba, ethi lokhu kungamanga aluhlaza cwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.