Sizwakele isikhalo samathawula

EZOSAZIWAYO: Izingoma zedistruction Boyz ziyajulukisa

Ilanga langeSonto - - Izithombe - ZOWAKHA MBATHA

ASEZOTHOLAKALA kusukela kusasa amathawula ahlale ekhalelwa ngabantu bethi ayadingeka uma udansela izingoma zedistruction Boyz.

Lawa mathawula adingeka nje yingoba ukudansela igqomu laleli qembu kufana nse nokuzivocavoca ejimini.

Kulezi zinsuku ozoyithenga i-albhamu entsha yabo ezitolo abazihambelayo uzolithola ma- hhala ithawula kodwa kusukela ngesonto elizayo azobe esedayisa wodwa.

Kugcwale phama abezindaba nabangani bedistruction Boyz esitolo sezimpahla zesimanje ihype eworkshop enkabeni yetheku kwethulwa ngokusemthethweni i-albhamu yaleli qembu entsha, enyakazisa kwasani kulezi zinsuku. Idistruction Boyz ihlanganiswe nguthobane Mgobhozi (Que), nozipho Mthembu (Goldmax) bobabili abanama-21 eminyaka. Nakuba izingoma zabo sezidume njengophuthu kodwa ibingakaday- isi ezitolo i-albhamu kwaze kwaba ngolwesihlanu, kanti bathi bafuna ukungena ngayo emlandweni ngokuba ngabokuqala ukudayisa lolu hlobo lomculo wegqomu ukudayisa bafinyelele esigabeni segolide.

Kube wumzuzu omnandi bechaza umnyombo wengoma ngayinye njengeyokuqala nje ethi “My Guiter” enoprince Bulo, abachazwa wukuthi noblack Coffee imbala wabachoma ngayo uphaphe lwegwalagwala eqala ukuyizwa. Eyesithathu nje ethi “Conductor” bathi babeyakhele abashayeli bamatekisi basephoyinti ethekwini.

“Uyazi bekuba nzima noma umuntu esetekisini, usuyizwa ikhala ingoma kodwa ungakwazi ukusho ukuthi ngeyakho, ucele nanesephulelo ekukhokheni kuconductor. Lena nje i-2 o’clock sayenza eminyakeni emithathu eyedlule kusadume indawo yenjabulo i-uhuru, eyayidume ngama-drug. Yile ekwenza ujike emnyango ngo-2 usuthi uyahamba uma ike yakhala. Sake sayinika nobabes Wodumo kodwa sibuye sayisebenzisa.

Kunonamba 9 nje othi “Ingidi” esayenza ngoba sibona ukuthi kukhona abangafuni siphumelele, sesibagcwalisela sithi sibopha amabhawodi, sifaka ingidi manje, ngeke sisabambeka,” kusho bona bechaza izingoma zabo.

Le esematheni ethi “Omunye” bayishaye bukhoma behambisana nomshunqisi ocula phambili kwadansa nohlanya, begcizelela ukuthi yiyo ezohlukanisa unyaka. Bathi umshunqisi wayefona ubusuku nemini efuna ukufaka iphimbo lakhe kule ngoma.

UDJ Sox notira bathe laba bafana babakhumbuza bona besaqala kule ndima njengoba namanje besendawonye, babafisela inhlanhla nempumelelo. Phakathi kwabanye abebekhona ngudj Boonu, Maverick nabanye abasebenze nabo.

zowakha@ilanganews.co.za

ISITHOMBE:

UGOLDMAX wezinwele ezipendiwe, uque wezinwele eziphothiwe ezibomvu, udynasty wesigqoko nomshunqisi kwesokudla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.