Kuhamba kahle kokhulele odlameni

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

UNYELWE yinyoni esandleni umbhemu wakwashobashobane eportshepstone, u-andile Zindela, owaziwa kangcono ngelikaroyal Son emculweni njengoba esedlalwa cishe kuzo zonke iziteshi zemisakazo nge-albhamu yokuqala nokungekhona okukanoma wubani.

Le albhamu ethi “Gcabhayiyane” athi iyi- afro-pop isimhambisa namazwe njengoba izolo ebenandisa enhlokodolobha yasenigeria, ilagos, emcimbini abemenywe kuwo kahulumeni.

Njengoba edabuka kule ndawo ebidume ngodlame nokubulawa kwabantu phambilini waphoqeleka ukubaleka nabazali bayohlala eningizimu yetheku, efolweni, wagcina esenza nezifundo zomculo esikhungweni samaciko ebat Centre nokwaholela ekuhlanganeni kwakhe neblue SA Records okuyinkampani asesayine kuyo.

Basenhlanhleni abakuleli njengoba umculo wakhe usuzotholakala ezitolo ze- internet kusukela ngesonto elizayo mhla ziyi-15 emuva kwesililo sokungatholakali kwaleli noni.

Ukuduma kwengoma yakhe sekumenze wathola nenqwaba yamagigi njengoba ngozibandlela (December) sekuqinisekisiwe ukuthi uzonandisa eworkshop ethekwini, esoweto, e-east London, ebloemfontein, emoripe Casino elimpopo, E-ICC enorth West, nasegrand West Casino ecape Town cishe izinsuku zilandelana kusukela mhla ziyi-15.

“Kubukeka konke kuhamba kahle njengoba ngithola ukwesekwa cisho yizo zonke iziteshi,” usho kanje kafushane.

zowakha@ilanganews.co.za

SITHANDA ukuxolisa kubafundi bethu ngokungabi nayo namhlanje ingosi yethu yezothando. Siyathembisa ukuthi nakanjani ngesonto elizayo sizobe sinayo ~ Umhleli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.