IGXILE EKUSOMBULULENI ICALA LOKUBULALA I-WIND RIVER

Ilanga langeSonto - - Izindaba - ZOWAKHA MBATHA

WIND RIVER UMQONDISI: Taylor Sheridan ABADLALI ABAPHAMBILI: Jeremy Renner (Cory Lambert), Elizabeth Olsen (Jane Banner-fbi Agent) UHLOBO: Mystery/ Crime IMINYAKA: 16 L/S/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

YISEBUSIKA njengoba umqaphi wasendle ucory ethola isidumbu sowesifazane oneminyaka eyi-18 (Natalie) sesiphenduke iqhwa, ezinyaweni singenazicathulo, nampahla nje yasebusika.

Kumele-ke umuntu womthetho oseyimfundamakhwela ujane asebenze leli cala ukuze kucace ukuthi ubulewe ngumuntu na lo wesifazane noma ubulawe ngezinye nje izimo.

Ngosuku olulandelayo utshelwa nguyise wentombazane ukuthi ibinesoka elisha nakuba yena engalazi, engazi nagama lalo, nokuthi lihlala kuphi. Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu iveza ukuthi umufi uhlukunyeziwe, wadliwa kakhulu nangamakhaza kodwa kabakwazi ukuqinisekisa ukuthi ubulewe na nokwenza kube nzima ukwengeza ithimba elizosebenza lolu daba lwabe-fbi. Ngosuku olulandelayo kutholakala esinye isidumbu sowesilisa onegama elifanayo nelitholwe ngujane ukuthi ngelesoka likanatalie umatt (Rayburn) ongunogada.

Ucory ube esexoxela ujane ngokufa kwendodakazi yakhe eminya- keni emithathu edlule nayo eyatholakala isiyiqhwa ngesikhathi bengekho yena nenkosikazi yakhe.

Usephelezelwa ngamanye amaphoyisa ukuyobheka lo Matt nabatshelwa ngasebenza nabo ukuthi sekuyizinsukwana bengamboni njengoba ephume ephazamisekile emoyeni ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

Kuningi abakuthola kule ndawo okusebenzela kuyo umatt nabahlala kuyo.

Ibuye ihlehle le filimu ukuze ikubeke esithombeni ngokwenzekile ngaphambi kokufa kwakhe unatalie nokuzokushaqisa.

Kunokudubula okungalindelekile njengoba ephenya nje ujane nogcina esibhedlela. Ingene ngoLwesihlanu e- cinema.

zowakha@ilanganews.co.za

IHAMBE phambili I-EMOJI MOVIE ngempelasonto edlule yomhlaka-27-29 kumfumfu (October) ngokufaka imali njengoba bese sifinyelele ku-r16 897 683 isamba esiphelele.

Nalu uhlu lwayishumi ahambe phambili ngokubukwa ngokohlu olukhishwa ngabakwaster Kinekor Entertainment:

1 THOR: RAGNAROK 2 GEOSTORM

3 JUNGLE BUNCH 4 TYLER PERRY’S BOO 2! A MADEA HALLOWEEN 5 MOUNTAIN BETWEEN US

6 EMOJI MOVIE 7 KINGSMAN 2: THE GOLDEN CIRCLE

8 JIGSAW

9 SNOWMAN

10 BLADE RUNNER 2049

ISITHOMBE SITHATHWE KWI: YOUTUBE

NGABALINGISI abaphambili ucory nojane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.