MUHLE UMSEBENZI KATSHATHA NOSELBY

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

MHLELI: ake ungelekelele ngidlulise umuzwa wami enginawo ngabasakazi engibathandayo ngenxa yamagalelo abo, utshatha Ngobe noselby Mkhize, abashayela uhlelo iwoza nabangani bakho okhozini FM ngobukhulu ubunono lobu. Ngithanda indlela ababambisene kamnandi ngayo.

Selokhu ngaqala ukulalela uhlelo lwabo luhlezi lunamahlaya, uzithola sewuhleka noma ungaqondile. Umdidiyeli wezinhlelo akashaya- nga eceleni ngokubasebenzisa bobabili.

Ngivumele ngiphinde ngincome uselby ngokuba nenhliziyo enhle. Ngihlezi ngizwa bemdlalisa otshatha no-ayanda Msweli kodwa angikaze ngimuzwe nangelilodwa ilanga ecasulwa yizinto abamdlalisa ngazo. Ngithi nje uyibambe lapho Mamkhize, ungashintshi.

Nontobeko Mchunu emsinga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.