Iceltic idlulele kwi-semi YE-TKO

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - NHLANHLA HUDLA

IBLOEMFONTEIN Celtic ibe yikilabhu yokuqala ukungena kwiSemi Final etelkom Knockout iguqisa iplatinum Stars ngo-2-1 izolo ngomgqibelo ntambama eroyal Bafokeng Palace, erustenburg.

Iplatinum Stars iyona ebone kuqala imbobo yepali ngonyawo lukabonginkosi Ntuli ngomzuzu wama-30.

Iceltic iphendule ngamagoli kalantshene Phalane obekuyi- free kick ayivalele ngomzuzu wama-58 kwathi elokuqinisekisa ukuthi iceltic iyadlula kulo mdlalo lavalelwa enethini ngu-tshegofatso Mabaso ngomzuzu kwama-81.

Umqeqeshi weceltic, uveselin Jelusic, uthe lona bekungumdlalo ongelula. Uncoma iplatinum Stars ngokubanika umdlalo onzima.

Uroger De Sa ongumqeqeshi westars uthe balahle amathuba amaningi kulo mdlalo. Uthe ukholwa wukuthi bebefanele ukuwunqoba.

Nokho uncome iceltic ngokudlala kahle njengoba nabalandeli bayo bebephume ngezinkani kulo mdlalo ukuzoyeseka.

Okunye akhale ngakho lo mqeqeshi ukushisa athe kube nomthelela, nokuthi imidlalo yabo ibisondelene kakhulu okwenze abadlali bakhe abangaba naso isikhathi esanele sokuphumula.

Khona manjalo ibasetsana okuyiqembu lesizwe lebhola lezinyawo laseningizimu Afrika labaneminyaka engaphansi kwengama-20 liguqiswe yiburundi ngo-1-0 emdlalweni wokuhlungela imidlalo yendebe yomhlaba kulo leliya lizwe.

Imiphumela yemidlalo yenational First Division izolo ngomgqibelo ihambe kanje:

Highlands Park 3, Stellenbosch United 0; Cape Town All Stars 0, Real Kings 1; Umtata Bucks 1, Super Eagles 1, Tshakuma 1, Ubuntu United 0, Richarrds Bay FC 0, Mbombela United 0, Spurs 1, Royal Eagles 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.