KUVELA ELOMHLATHI KUJOMO SONO KUBUYA ABAMQOKA

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

ocija icosmos utshele ILANGA Langesonto ukuthi inhliziyo yakhe igcwele injabulo kwazise kubuya abadlali abamqoka bezakhe.

Uthi u-angelo Lebahi ugcine ewatholile amaphepha amvumela ukusebenza kuleli.

“Kubuya abadlali ebengivele ngibadinga kakhulu ufranklin Ogbonna wasenigeria notebogo “Messi” Tlolane ongomunye wabadlali enginesiqiniseko sokuthi ngeke iphele isizini ngisenaye ekilabhini.

"Utlolane ubekade elimele kanzima ekuqaleni kwesizini waze waphuthelwa yithuba lokuya kwibarcelona, espain. Ngijabule kakhulu ngokubuya kwakhe yize ngihlela ukuqala ukumsebenzisa ngesonto elizayo.

“Usilas Maziya engimthathe kwimagesi FC useluleme ngokugcwele okwenza ngibe nesibindi sokubhekana neleopards engazi kahle ukuthi ilwela ukuvuka ngami uma sesibhekene,” kusho usono ogcizelele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.