BAZOZITIKA NGOKWESINTU E-TASTE OF AFRICA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - THANDI ZONDI

UKUDLA okumnandi kwesintu kuzobe kwehliswa ngomculo nezinkondlo emcimbini we-taste Of Africa.

Lo mcimbi obakhona minyaka yonke kuhloswe ngawo ukugqugquzela abantu ukuba bathande ukudla kwabo kwesintu.

Usamke Hlongwa ongumpheki futhi ongumhleli walo mcimbi uthi baningi abazothokozela lo mcimbi yize kuyisikhathi sikazibandlela (December).

“Ngiyazi iningi lizozibuza ukuthi kungani ngikhethe ukwenza ukudla kwesintu kube kuyisikhathi samaholide.

"Eqinisweni ukudla esizobe sinakho kulo mcimbi ngokwesintu kodwa kwathiwa thasi indlela yokwenza yasentshonalanga.

"Lokhu ngikwenzela ukuba wonke umuntu akuthokozele ngoba kunabantu abakhonondayo uma kuza ekudleni kwesintu, bakhale ngokuthi kuphekwa ngendlela eyodwa, yingakho ngenze ushintsho. Isibonelo nje sinamahewu e- strawberry ehla esiphundu,” kuchaza usamke.

Uthi into eyenza agxile ekudleni kwesintu yingoba ebona ukuthi izinto eziningi ezithinta isintu ziyanyamalala.

“Abantu ababa yingxenye yalo mcimbi kujwayele ukuba ngabantu abasha nokuyinto engithokozisayo ngoba inhloso wukutshala imbewu kwabasakhula ukuba bangazilahli izinto ezichaza ngobuthina njengama-afrika,” kuqhuba yena.

Lo mcimbi uzoba mhla zimbili kuzibandlela ekomkhulu Arts Space. Kungenwa ngo-r150.

Phakathi kwabazobe beshaya izinkondlo nomculo kubalwa uthoba Ndlovu, unjabulo Phewa nokhethelo nabanye. Usamke uthi abantu bangalindela ukudla okwehla esiphundu nokuhlangana nabantu abasha.

tzondi@ilanganews.co.za.

Isibonelo nje sinamahewu e-strawberry ehla esiphundu...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.