Ingcindezi efanayo kowechiefs newits

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - PHILANI NCALANE

INGCINDEZI efanayo kusteve “Mphathi” Komphela ongumqeqeshi wekaizer Chiefs nogavin Hunt ocija ibidvest Wits ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu wesemi Final yetelkom Knockout phakathi kwala makilabhu ngomgqibelo ngo-15h30 ebidvest Stadium, egoli.

Uhunt izinto kazimhambeli kahle kule sizini njengoba iwits ibalwa namakilabhu angenzi kahle ekubeni kuyiyona evikela indebe ye-absa Premiership. Ihlulekile ukuvikela IMTN 8 ehlwithwe yisupersport United ehlule icape Town City kowamanqamu ethekwini.

Uhunt unomthwalo wokunqoba itelkom ukuzigcina esemithanjeni yabanikazi bewits.

Ngakolunye uhlangothi, ingcindezi isiyingxenye yempilo kukomphela njengoba izimpofana zingayazi nhlobo inkomishi ngaphansi kobuholi bakhe.

Sekuyisizini yokugcina kukomphela elolonga ichiefs, kanti ukunqoba kungamcubuzela amagabade kubalandeli bale kilabhu abamfuna ehambile enaturena.

Ukomphela usalelwe yitelkom, ipremiership ngokunjalo nenedbank Cup ukuzama ukujabulisa abalandeli bechiefs abangakufihli ukuthi sebesuthi nguyena.

Ichiefs ingene kumasemi Final ngokuguqisa ichippa United ngo-1-0 ebhayi, kanti izitshudeni zihlule ibaroka ngo1-0.

Ipolokwane City izodudulana nebloemfontein Celtic kwisemi Final yesibili ngesonto ngo15h30 e-old Peter Mokaba Stadium, epolokwane. Ipolokwane ihlule i-orlando Pirates ngo-4-2 wamaphenathi kwathi iceltic yaguqisa iplatinum Stars ngo-2-1 esigabeni samaquarter Final.

Imidlalo yamasemi Final etelkom Knockout ihlelwe kanje:NGOMGQIBELO Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Kaizer Chiefs 15h30.

NGESONTO

E-old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Bloemfontein Celtic 15h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.