Ojoyine ichelsea ubonga impatho kazinedine Zidane

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo -

UBONGA impatho emnandi ayithole kuzinedine Zidane ongumqeqeshi wereal Madrid yasespain u-alvaro Morata osanda kujoyina ichelsea evikela indebe ye-english Premiership.

Lo mdlali uthi uyohlale emkhumbula njalo uzidane empilweni yakhe njengoba emsize kakhulu ukunyusa izinga lokudlala kwakhe. Lo mdlali ubegijima kwimadrid, kodwa wahlukana nayo ngenxa yokungasitholi isikimu. Uthi ubonga ubuqotho bukazidane okunguyena ombonise ukuthi makaqalaze engxenye ngoba kunzima ukuthola isikimu kwimadrid.

“Uzidane uze kimina wangitshela eziqwini zamehlo ukuthi ucela ngihambe ukugwema ukubulala ibhola lami. Uthe usangidinga kodwa okwamanje kunzima ukunginika ithuba ngoba abalin- gani bami benza kahle. Nami ngibone kungcono ukuba ngihambe ngoba ngifuna ukuba yingxenye yesikwati sasespain esizokuya kwindebe yomhlaba ngonyaka ozayo erussia.

“Ngeke ngibizwe esikwatini uma ngingadlali. Ngicabanga ukuthi kube yisinqumo esihle ukujoyina ichelsea. Uzidane usithakasele kakhulu kwazise ichelsea ingenye yamakilabhu amakhulu emhlabeni. Ngiyomkhohlwa ngifile uzidane ngoba ngaphansi kwakhe ngikwazile ukuphinde nginqobe i-uefa Champions League,” kusho lo mdlali.

Ukuhamba kwalo mdlali kugxekwe kakhulu ngucristiano “CR7” Ronaldo waseportugal oyisilomo kwimadrid.

Uronaldo uthi ukudedelwa kukamorata kuvule imbobo enkulu kule kilabhu ehlonishwa umhlaba wonke.

Usergio Ramos ongukaputeni wemadrid uyihlabe wayihlikiza inkulumo karonaldo yokuthi ukushiya kukamorata, udanilo nopepe nokubolekiswa kukajames Rodriguez kuyenze yaba ntekenteke le kilabhu.

Uramos uthi abadlali abakhona bebeyingxenye yekilabhu inqoba indebe ye-uefa Champions League nesicoco seligi.

Uthi uyayiqonda inkulumo karonaldo ukuthi uyisho ngenxa yentukuthelo yokuthi ikilabhu ayenzi kahle.

Uthi le nkulumo inobungozi ngoba ikhombisa ukubukela phansi abanye abadlali.

Ube esenxusa uronaldo ukuba akhombise ubuholi kwabanye abadlali futhi abakhuthaze kunokuthi aqhakambise abantu abangaseyona ingxenye yekilabhu.

ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES

NGU-ALVARO Morata ojoyine ichelsea esuka kwireal Madrid. Uthi uyomkhohlwa efile uzinedine Zidane oqeqesha imadrid ngempatho yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.