Kuputshuka izinkinga ekhempini yedowns

Kuthiwa abadlali abali-12 benqaba ukuvuselela izinkontileka

Ilanga langeSonto - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

SIMUNCU isimo ekhempini yemamelodi Sundowns njengoba kuvela ukuthi kunabadlali bayo abanqaba ukwelula izinkontileka nale kilabhu ngalokho abakubiza ngokucikwa yimpatho engeyinhle abathi bayithola kupitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi wayo.

Idowns kayiyiqalanga kahle imidlalo ye-absa Premiership njengoba ibihlulwa nasemidlalweni obekubhekwe ukuba iyinqobe kalula.

Ize yahluleka nawukuvikela isicoco sayo secaf Champions League esesiphethwe yiwydad Casablanca yasemorocco.

Leli phephandaba lihletshelwe ngomunye wabadlali bedowns ukuthi isimo sibi ekhempini yale kilabhu njengoba kuthiwa kunabadlali abali-12 abenqaba ukwelula izinkontileka zabo bekhala ngempatho nokudelela kukamosimane.

Kuthiwa kunabadlali abalibeka ngesihloko elokuthi sebenele nguyena noma angahamba kabasenandaba.

Kuthiwa uma benezinkinga sebencamela ukuzibika kumsizi wakhe, umanqoba “TV” Mngqithi okuthiwa bayakwazi ukumuvulela isifuba. Kuvela ukuthi bashayeke kakhulu kuhamba urhulani “Mourinho” Mokwena obengumsizi kamosimane osekwi-orlando Pirates ngoba naye ungomunye wabebekwazi ukuneka izinkinga zabo kuyena.

Phakathi kwabadlali okuthiwa bamanqika ukwelula izinkontileka zabo nedowns kubalwa ukhama Billiat okhonjwa kwizamalek yase-egypt eveze ukuthi iyamfuna nekaizer Chiefs.

Kuzokuba nguleonardo Castro okhonjwa kwichiefs, uthemba Zwane naye okhonjwa kwichiefs, uthabo Nthethe okhonjwa kwipirates, ukennedy Mweene okuthiwa angase abuyele kwifree State Stars kodwa yena kuthiwa utshele imenenja yakhe ukuthi angatha- nda ukuvimbela Amazulu FC, utebogo Langerman naye omataniswa nechiefs notiyani Mabunda yena okuthiwa ufunwa yibidvest Wits nesupersport United.

Umthombo wethu ongaphakathi kwidowns ocele ukuba lingadalulwa igama lawo ukubalekela amazinyo abushelelezi, futhi ogcizelele ukuthi inkontileka yawo isekude ukuphela kule kilabhu, uthe: “Upatrice Motsepe ongumengameli uhlele umhlangano nabo bonke abadlali abaphelelwa yizinkontileka ukuze ezwe izinkinga zabo.

Njengoba esezinhlelweni zokuqasha u-erik Hamren wasesweden ukuzokuba yimenenja jikelele yingoba usezizwile izikhalo zethu ngomosimane.

“Le nkinga izoxazululwa nguyena umotsepe ngaphambi kokuba laba badlali bavume ukwelula izinkontileka zabo. Abantu yingoba kabazi ukuthi uteko Modise uhambe nje, yingoba naye ubengeneme ngempatho kamosimane yingakho evele wangalinda wazijoyinela icape Town City.

“Uma kukhunjulwa kahle washo isizini isephakathi ukuthi uyahamba kodwa engakayibikeli isundowns, abantu kumele bazibuze ukuthi wayekwenziswa yini lokho.”

Leli phephandaba lithinta uthulani “TT” Thuswa okhulumela idowns ukuphawula ngalolu daba, ucele ukuthunyele-lwa amagama abadlali okuthiwa izinkontileka zabo ziyaphela uzokube esephendula. Uthunyelelwe. Nokho akabange esaphendula nocingo lwakhe bese lukhala engasalubambi.

Le nkinga izoxazululwa nguyena umotsepe ngaphambi kokuba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.