LIFIPHELE IKUSASA LIKAJELE KWI-PIRATES

Isikimu sesiphenduke abakhwekazi kuyena

Ilanga langeSonto - - Front Page - SENZO SOKHELA

LIYACIKIZELA ikusasa lomdlali we-orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi le kilabhu imanqika ukwelula inkontileka yakhe ngenxa yokwehlelwa yifomu.

Inkontileka kahappy Jele neBucs iyaphela ngonhlangulana (June) wonyaka ozayo. Kuvela ukuthi ibucs imanqika ukumnika inkontileka entsha njengoba ehlelwe yifomu. Selokhu kufike umqeqeshi omusha kwibucs, umilutin “Micho” Sredojevic waseserbia, ujele isikimu usizwa ngendaba.

Nabalandeli kabasamuzwisisi kahle njengoba ngesizini eyedlule bebekhala ngokuthi uyabadlisela kwazise ubesasithola isikimu.

Umthombo waleli phephandaba olipotshozele lolu daba, uthe: “Inkontileka kajele izophela ngesizini ezayo kanti ipirates imanqika ukumunika entsha njengoba neminyaka yobudala nje isingama-30.

Kodwa-ke sizobona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi kuzokwenzakalani ngoba ngusihlalo wekilabhu u-irvin Khoza ozonquma ngekusasa lakhe. Bakhona nabanye abaphelelwa yizinkontileka okubhekwe isinqumo sikakhoza ngabo.”

Leli phephandaba lishayela ufloyd “Jomo” Mbele oyimenenjajikelele yebucs ngalolu daba, uthe: “Umthetho wala kwipirates umile nje kawukaze ushintshe, izinkontileka zabadlali bethu kasizixoxi nabezindaba yinto yangaphakathi.

Kuyangithusa ukuthi kungani nikhuluma ngojele nje kuphela ngoba cishe bayisi-6 abanye abadlali bethu abaphelelwa yizinkontileka. Uma sesinqumile ngekusasa labadlali abaphelelwa yizinkontileka sizomemezela.”

ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES

NGUHAPPY Jele elingacaci ikusasa lakhe kwi-orlando Pirates njengoba ijezi eselizwa ngendaba selokhu izintambo zokuqeqesha zithathwe nguMilutin Sredojevic odabuka eserbia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.