KUPHINDE KWABHUNTSHA OLUKA-BABES WODUMO LWAPHESHEYA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - INTATHELI YELANGA LANGESONTO

KUBIKWA ukuthi ubabes Wodumo (Bongekile Simelane) akalubhadanga futhi emcimbini ophesheya kwezilwandle abemenywe kuwona.

Le ntokazi bekulindeleke ukuba ibeselondon, e-united Kingdom, emcimbini wezindondo obizwa ngokuthi YI-MTV Europe Music Awards, njengoba naye eqokiwe emunxeni ibest Africa Act.

Akukhona okokuqala ukuba kubhuntshe uhambo lukababes Wodumo lwaphesheya kwezilwandle emcimbini wezindondo njengoba kwenzekile ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Kuzokhumbuleka ukuthi ubekade eqokiwe futhi kwabazoncintisana emcimbini obuselos Angeles, e-united States of America (USA) ngonhlangulana (June), amabet Awards, kodwa wagcina engaphumelela ngenxa yobuhixihixi ahlang- abezane nabo bokungafaki isicelo se-visa kusenesikhathi nokwenze wagcina engayitholanga.

Ngokwemibiko mayelana nokubhuntsha kohambo lwakamuva lwaselondon, kuthiwa inkinga akuyona i-visa kulokhu, kodwa unqume ukungahambi ngoba ubefuna abahleli bomcimbi iviacom Africa bakhokhele izindleko zebhanoyi nezehhotela kodwa bala.

Lo mcimbi kulindeleke ukuba usakazwe bukhoma namhlanje kusukela ngehora le-22:00 kusihlwa, esiteshini esikhokhelwayo esitholakala KWIDSTV, IMTV, NEMTV Base.

Kubhuntsha uhambo lukababes lwaselondon nje, phambilini ubeqinisekisile kubalandeli bakhe ukuthi nakanjani uzoba yingxenye yalo mcimbi, wathi ngeke impela kwenzeke okwenzeke esikhathini esedlule.

Ubabes akatholakalanga izolo ntambama ukuba aphawule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.