KUQOKWE USIHLALO OMUSHA KWA-ESKOM

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

IZOLO ntambama kumenyezelwe isinqumo sokuqokwa kukamnu Jabu Mabuza esikhundleni sokuba ngisihlalo webhodi yenkampani ephehla amandla kagesi eningizimu Afrika, i-eskom.

Umnu Mabuza njengamanje ungusihlalo wenye inkampani engaphansi kukahulumeni itelkom.

Omunye obebhekwe kulesi sikhundla ngumnu Nhlanhla Nene oke waba ngungqongqoshe wezezimali kuzwelonke ngaphambi kokudilizwa esikhundleni nguMengameli Jacob Zuma.

Kuphinde kwamenyezelwa nomnu Phakamani Hadebe oseyi-acting Group Chief Executive e-eskom.

Le nkampani ibilokhu ikhungethwe yizinkinga muva nje njengoba bekusabalele imibiko ethi inuka phu inkohlakalo ezikhulwini zayo kanti nesimo sayo sezimali asibukeki sisihle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.