I-EFF IGXEKE ISIPHAKAMISO NGOKUFA KUKA-STOMPIE

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

I-ECONOMIC Freedom Fighters isigxeke kakhulu isiphakamiso esenziwe yinkosi umandla Mandela sokuba kuphenywe ngokushona kukastompie Moeketsi noAbu-baker Asvat.

Leli qembu lithi unkk Winnie

Madikizela Mandela ukujezelile ukuthinteka kwakhe ekufeni kwalaba.

Okhulumela leli qembu udkt Mbuyiseni Ndlozi uncome kakhulu amagalelo kamadikizela Mandela ekuzabalazeleni kwakhe leli lizwe.

Khona manjalo, iqulu labalandeli BE-EFF libhikishe ngaphandle kwesitolo sakwaH&M esisemhlanga izolo ngomgqibelo. Lokhu kulandela udaba olube sematheni lwesikhangiso salesi sitolo ebesisolwa ngokubandlulula abantu abamnyama ngokubafanisa nezinkawu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.