BASENETHEMBA NGAMA-SAMA

Ilanga langeSonto - - Izindaba - LUCKY CAIN

USIHLALO wesouth African Music Awards (SAMA), umnu Thobela Dlamini usakhala ngokugqoza kwezinkampani ezizimele ukuxhasa lo mcimbi oklomelisa abaculi bakuleli.

Ekhuluma NELANGA Langesonto umnu Dlamini udalule ukuthi nakuba kukhona okwethembisayo ngendaba yabaxhasi bezinkampani ezizimele kodwa kuseyinkinga ukubathola.

“Siyazama ukubanxenxa ukuba babe yingxenye yalo mcimbi kodwa bayagqoza, nokuyinto eyenza kube yinkinga ukuba siwenze ufinyelele kuleli zinga esilifisayo.

“Eminyakeni eyedlule sibhekane nenkinga enkulu sizama ukuthola abaxhasi bezinkampani ezizimele kodwa babe yidlanzana abafuna ukusebenza nathi,” kusho umnu Dlamini.

Uthi kulo nyaka uma izingxoxo nezinkampani abaxoxisana nazo ziba yimpumelelo, lo mcimbi owenzelwa esun City, enorth West, uzoba sezingeni lomhlaba. “Sethembisa into yamehlo ngoba kule minyaka eyedlule, nakuba besinabaxhasi abancane, besiqinisekisa ukuthi izinga liphezulu,” kulanda yena.

Uqhubeke wanxusa abaculi ukuba bangakhohlwa wukuthumela ama- album abo ukuze bangasali ngaphandle uma sekuqokwa abaculi eminxeni eyahlukene.

Uthi kuvalwa ngomhla zingama-31 kumasingana (January) ukufakwa kwama-albhamu. Kulindeleke ukuba lo mcimbi wkuklomelisa ube ngonhlaba (May).

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini lo mcimbi ubuxhaswe yisikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana IMTN kanti selokhu yahoxa kakukaze kube nabaxhasi abaqavile njengale nkampani. lucky.cain@ilanganews.co.za

Siyazama ukubanxenxa ukuba babe yingxenye yalo mcimbi...

ISITHOMBE: TWITTER

UMNU Thobela Dlamini ongusihlalo wama-sama uthi bayathembisa abaxhasi bezinkampani ezizimele kulo nyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.