Uyazisola ngokuphinga obhedelwa yizinto

Ilanga langeSonto - - Izindaba -

nza ndawonye. “Ukukhuluma iqiniso nje, wonke umuntu uyawenza amaphutha, nami ngizamile ukuqamba amanga kuvuyiswa ngithi u.... (esho igama lentombi) sisebenza naye kodwa yonke le nto yonakale u... engasafuni ukufihlwa,” kuchaza usbu.

Ngesikhathi ekhuluma konke lokhu inkosikazi yakhe ibiseduze kwakhe ilalele ekhuluma nentatheli yaleli phephandaba. Intatheli iqale yashayela inkosikazi ucingo iphenya lezi zindaba. Ayiphikanga, ivele yakhuluma ngokuvuleleka yathi okuyiphatha kabi wukuthi lona wesifazane iyamazi njengomuntu osebenza nosbu.

“Ngike ngambuza usbu ukuthi hlobo luni lwebhizinisi abalwenzayo. Ubevele athi basebhizinisini lezokungcebeleka,” kuchaza uvuyiswa. Uthi usbu kumele ayilungise le nto ayiqalile ngoba yena ngeke akwazi ukushiya umuzi wakhe. “Ngeke ngikwazi ukushiya umuzi wami engiwakhe kanzima kanjena ngiphinde ngishiye nezingane zami, akuhambe yona le ntombazane noma usbu ayilungise yena le nto ngoba mina angiyi ndawo,” kubhoka uvuyiswa.

Ube esecela intatheli ukuba iyombuza yona usbu ngalolu daba ngoba uyambona usephika into engekho. Intatheli izamile ukuthinta usbu kodwa ucingo lwakhe belungangeni.

Ithe uma ibuyela kuvuyiswa iyocela enye inombolo yocingo engamthola kuyona, uvuyiswa wavele wamkhomba eduze, kwacaca ukuthi sebehleli ndawonye. Ube esemnika ucingo, yilapho-ke usbu egonyuluke khona. Ekugonyulukeni kwakhe ubelokhu, ethi kumfake enkingeni ukuphinga. makhoba@ilanganews.co.za

ISITHOMBE NGABE: DAILY SUN

USBU Ntshangase owaduma ngengoma ethi “Amalawyer”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.